EzakamuvaIbhola

Uyacwila umkhumbi we-Arrows, uKhenyeza uzulelwa amanqe

Kukhona okusina kumjeqeza umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza.

Izinto azihambi kahle neze kuleli qembu laseThekwini, nokufakazelwa ukuthi seluwukudla kwenduku muva nje.

Abafana Bes’thende bagcina ukuwina umdlalo ngesikhathi beshaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngo-Okthoba nyakenye.

Kulowo mdlalo kwagqama amaphutha kanozinti weChiefs uBrandon Petersen, owagcina lapho ukuvimba.

Ngemuva kwalokho i-Arrows ishaywe imidlalo eyisishiyagalolunye ilandelana, kuyo yonke imiqhudelwano.

Ithole amaphuzu amathathu ngokugingqelwa kweMoroka Swallows engayidlalanga imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba, yase ihlawuliswa.

Elinye iqembu elihlomule ngamaphuzu lingajulukanga yiMamelodi Sundowns, nayo okwakumele idlale neSwallows ngoDisemba.

Emidlalweni eyisishiyagalolunye edlule i-Arrows idedele amagoli angu-19 yakwazi ukushaya amane kuphela.

NgoLwesihlanu ezikaMabhuti Khenyeza ziwashiswe ijezi yiTS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup, eMpumalanga Stadium.

Bese kungokwesithathu kulandelana iTS Galaxy ishaya i-Arrows. Iyithele othulini ngo 3-1 emdlalweni weligi ngempelasonto edlule.

Ngaphambi kwalokho, iTS Galaxy yayiyishaye ngo 2-0 i-Arrows emdlalweni weligi ngoDisemba 23 nyakenye. 

Uma kuqhubeka kanje uMato Madlala, ongusihlalo we-Arrows, uzophoqeka ukumchitha uMabhuti Khenyeza noma athole umuntu ozomsiza.

Iqembu belenza kahle ngesikhathi lo mqeqeshi esebenzisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, oshiye isigubhukane wajoyina iChippa United.

NakwiChilli Boys akahlalanga uVilakazi njengoba eseyibambe kwiRichards Bay FC, nayo edonsa kanzima.

Umqeqeshi ongenalo iqembu njengamanje uSteve “Mphathi” Komphela, osanda kwehlukana neSwallows.

Lo mqeqeshi ubecija i-Arrows ngaphambi kokuthi ajoyina iSundowns. 

Kuvele sekuke kwabamahlebezi okuthi angase abuyiswe uKomphela kuleli qembu ukuzotakula uKhenyeza kulo mlilo asha kuwo. 

Nansi imidlalo yakamuva ye-Arrows:

❌ 0-3 AmaZulu

❌ 0-1 Royal AM

❌ 1-3 AmaZulu

❌ 0-1 Cape Town City

❌ 0-2 Chippa United

❌ 1-2 Orlando Pirates

❌ 0-2 TS Galaxy

Yagingqa v Swalows (𝐷𝐶 𝑟𝑢𝑙𝑖𝑛𝑔)

❌ 1-3 TS Galaxy

❌ 1-2 TS Galaxy