EzakamuvaiDStv Premiership

Akucaci ngoSithebe kwiChiefs, angase abolekiswe?

Lifiphele ikusasa lomdlali wasesiswini uSiyethemba Sithebe kwiKaizer Chiefs njengoba sekuvela ukuthi kungenzeka leli qembu limlaxaze ekupheleni kwesizini. 

Inkontileka yalo mdlali kuleli qembu laseNaturena iphela ekupheleni kwale sizini kanti kuthiwa alikasho lutho ngokuvuselela. 

Ngokubika kwePhakaaathi, kuthiwa ukulimala kwakhe yikho okumbambezelile ekutheni abe ngomunye wabadlali abayinsika kuleli qembu. 

USithebe ulimale ngesikhathi bezilolonga kwiChiefs ngasekupheleni konyaka odlule, ngokusho kwalo mbiko.

Ulimala nje ubevele elizwa ngendaba ijezi kule sizini okungeyokugcina nokumele ngabe ukhombisa ngayo abaqeqeshi ukuthi basamdinga. 

Lo mdlali owake wagijima kuMaZulu FC udlale umdlalo owodwa kuphela kwiChiefs emzuliswaneni wokuqala wesizini ka-2023/24.

Wadlala ngesikhathi behlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoSepthemba.

Njengoba inkontileka yakhe isizophela ekupheleni kukaJuni, mancane amathuba okuthi elulelwe yona. 

Ngokusho komthombo, umqeqeshi obambile kwiChiefs, uCavin Johnson ujabulile ngesikwati sakhe ikakhulukazi abadlali basesiswini asebasebenzisa kusukela ethathe izintambo.

USithebe ubengakalitholi ijezi kwiChiefs kusukela kuqashwe uJohnson futhi kubonakala kusazoba nzima ukuthi alithole. 

“Unyaka odlule awumphathanga kahle (uSithebe) ngenxa yokulimala kanti usenesikhathi eside engadlali. 

“Okumphethe kabi wukuthi inkontileka yakhe iyaphela uma kuphela isizini futhi akubukeki ezolulelwa,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

Kuthe uma Impempe ihlwaya olunye ulwazi ngesimo salo mdlali, yathola ukuthi angase abolekiswe njengoba kuvulwe iwindi nje.

Kuthiwa naye uyakufuna kwenzeke lokho ukuze athole ithuba lokudlala, azimakethe nakwamanye amaqembu ukuze uma inkontileka ingelulwa, athathwe yiwo.

Ngokolwazi olungaqinisekisiwe njengamanje, kuvela ukuthi angase abolekiswe kwiMoroka Swallows esanda kuxosha inqwaba yabadlali.