EzakamuvaIbhola

UShakes Mashaba ukhala ngezinga leChiefs nePirates

UShakes Mashaba useveze umbono wakhe ngezinga lebhola lakuleli, athi ubona lehlile hhayi lokhu okushiwo abanye. 

Kuyaye kube nombono wokuthi ibhola lakuleli selingcono kunakudala njengoba engasekho amaqembu azenzela umathanda ngaphandle kweMamelodi Sundowns. 

Kodwa uShakes Mashaba, owayecija iBafana Bafana phambilini, ubona ngendlela ehlukile kulokhu. 

Ekhuluma nabeRadio 2000 ngoLwesihlanu kusihlwa, uShakes Mashaba uthi ayikho lo yokuthi ibhola selingcono kunakudala. 

Uthi okwenzekayo akukhona ukuthi amaqembu amancane asengcono, kodwa wukuthi lawa amakhulu asehlise izinga. 

Ngokubona kwakhe, ukuthi amaqembu afana neGolden Arrows asekwazi ukuzidalela nje kwiChiefs akusho ukuthi asengcono.

Lo mqeqeshi, oke wacija neBlack Leopards, uthi usalibulka impela ibhola, futhi uchazwa kakhulu yiMamelodi Sundowns.  

“Ngisalibuka ibhola futhi kakhulu, angiphuthelwa umdlalo weSundowns,” kusho lo mqeqeshi.

“Badlala elimangazayo. Kodwa lawa amanye amaqembu amakhulu asehlile. 

“Abantu babona amaqembu amancane eshaya iChiefs nePirates bese bebona sengathi asephucukile, aba ngcono. 

FUNDA NALA: ISpurs isigcine imqashile umqeqeshi omusha

“Cha, lokho kusho ukuthi amaqembu amakhulu yiwona asehlise izinga lawo,” kuchaza uShakes Mashaba.