EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Ngabe kubuya izinduku ku-Arthur Zwane osejikelwe abalandeli? 

By Alfred Ngubane

U-Arthur Zwane kungenzeka ukuthi akayena lo mqeqeshi othembekile noziphatha ngendlela ehloniphekile abebonakala eyiyo ngesikhathi eqashwa yiKaizer Chiefs. 

Ngesikhathi iChiefs yethula lo mqeqeshi kwaba nethemba lokuthi uzojika izinto, ayibuyisele ekudlaleni ibhola elihle bese eqeda nendlala yezicoco. 

Nokho lokho akwenzekanga futhi aye ngokuncipha amathemba okuthi kukhona okungcono u-Arthur Zwane angakwenza ukwedlula abaqeqeshi abangaphambi kwakhe. 

Ungene kulo msebenzi ezovala isikhala sikaStuart Baxter owaxoshwa sekubalwa izinyanga kuphele isizini edlule. 

Izinto zimjikele kakhulu umfokaMangethe ngempelasonto ngesikhathi ejikijelwa abalandeli waze wagcina elimala ngaphansi kweso. 

Lokhu kulwa kwabalandeli kuveza ukuthi sebekhathele okwangempela yilo mqeqeshi oyinkakha yeqembu. 

FUNDA NALA: Umkhuba usekhaya ngendlala yezindebe kwiChiefs – Khuzwayo

Ngokujwayelekile, iqembu liyaye limdedele umqeqeshi uma sekunesimo esinjena abhekane naso ngoba kusuke kungasaphelile. 

Kodwa kulokhu kuvela ukuthi abaphathi bahlukene phakathi ngo-Arthur Zwane, abanye babona kufanele esale esededelwa kanti abanye bafuna aqhubeke. 

“Inkinga isekutheni uma bemxosha naye, kusho ukuthi izinqumo zabo ngabaqeqeshi kule minyaka emine edlule zishaye eceleni,” kusho umthombo ocele singawudaluli. 

“Phela akuyena owokuqala u-Arthur ukuthi avukelwe abalandeli ngale ndlela. Akekho ohlala kahle abalandeli bengakhalazi.

“Inkinga ngoZwane ukuthi ukhulele khona eqenjini futhi ulazi kahle isiko leqembu. Nendlela aziphatha nabukeka ngayo… Uyilento abophiko lokukhangisa abayifunayo.” 

Impempe iphinde yathola ngomunye umthombo ukuthi kukhona abagiyayo njengoba izinto sezimjikele kanje u-Arthur Zwane. 

Kuthiwa ubengabaphethe kahle abaqeqeshi abeyiphini kubo njengoba ebezibona engenza kangcono kunabo. 

“UStuart akakufihlanga yena ukuthi uZwane wambhayizisa, wamhamba ngemuva kuze kuphethe ngokuthi axoshwe. 

“UGavin (Hunt) yena akakaze akhulume esidlangalaleni kodwa uyamuzwa ukuthi uyagigiyela uyela ngakhona. 

“Kubantu asondelene nabo uyakusho ukuthi naye wazithola sekuthiwa uyabheda ngoba uZwane wayefaka imibiko kubaphathi ehlukile kunokushiwo uGavin,” kusho lo mthombo. 

FUNDA NALA: Uswele isihlangu agiye uGavin Hunt egqema iChiefs ‘eyamhlaza’

Mhlawumbe yingakho nje uGavin Hunt ejabule kangaka kade eqeda ukushaya u-Arthur Zwane emdlalweni wangempelasonto.

Cishe inhliziyo beyicwile emafutheni kulo mqeqeshi esembona ehujwa abalandeli besho ukumqeda.