EzakamuvaIbhola

UNtseki uvuma ukubheda kwecebo lakhe ngephutha likaPetersen

Ukungenelwa yigoli umdlalo usenemzuzwana eyishumi uqalile kuyifake enkingeni enkulu iKaizer Chiefs ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo. 

Lo mdlalo weMTN8 obunezigigaba eziningi ezikhulumisayo unqotshwe yiSundowns ngo 2-1 ekugcineni. 

IChiefs izame ukususa ibhola yabe seyilikhabela kunozinti uBrandon Petersen, ozame ukujika ukulisusa eduze kwakhe kwasho ukuthi usethathe kude. 

Kuvele kwafika uPeter Shalulile wamphuca lona qede wagijima wayolinamathisela enethini. 

Kucace lapho ke ukuthi izinto seziyasinda kuMakhosi, kodwa azama ke ukubuya u-Ashely Du Preez evalela phakathi iphenathi ngomzuzu ka-34.

Kodwa kuphinde kwabhimba sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini, uShalulile eshaya elesibili igoli. 

UNtseki, osenyamanambana kubalandeli baleli qembu ababona kungekho okuhle angalenzela khona, uthe iphutha libe kubo. 

“Ngicabanga ukuthi sesika saba nezimo ezinjena phambilini ngoba ngijwayele ukuthi amaphutha kumele abhekwe la eqale khona. 

“Uma ubheka leli likaBrandon, kukhona la liqale khona – iphutha kuyenzeka kube ngelokuhluleka ukudlala noma libe ngenxa yecebo lokudlala. 

“Kungaba futhi ngenxa yesimo sengqondo,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo obuseLucas Moripe Stadium. 

“Uma ubheka leli phutha, ngesikhathi sisusa umdlalo, besazi ukuthi leyanto izokwenza sicindezeleke. 

“Besingenza kangcono, kodwa ubekwazi obekwenzeka kuwukuthi nje lento ebesiyizama ayenzekanga ngendlela ebesiyihlele ngayo. 

“Uma kade kuyinto esiyihlelile, okusho ukuthi ayilona iphutha. Yiphutha esilenze sonke futhi esilivumayo. 

“Okubaluleke kunakho konke kodwa wukuthi uBrandon uqinile ngokomqondo, ungumholi. 

“Thina asimsoli ngokuthi kube yiphutha lakhe leli. Kube yiphutha elenzekile ngokuthi asizange siqaphele ngesikhathi esibucayi somdlalo. 

“Besifuna ukuqala kahle futhi ngabe kwenzekile ukube ukwazile ukukhaba leliyabhola alise phambili. 

FUNDA NALA: IChiefs iqashe uJohnson ‘onamava’ ngabe lokhu kusho…

“Besifuna alishaye liye phambili bese sibazuma ukuze sibe nesiqalo esihle emdlalweni kodwa akwangenzeka.”