EzakamuvaIbhola

Elinye ifu elimnyama ebholeni kushona inkakha yePirates

I-Orlando Pirates isikhiphe amazwi enduduzo iwabhekise emndenini wowayengukaputeni wayo, uPapi Khomane. 

Le nkakha yePirates ishone engozini yemoto kanye nonina uRita, ngoMgqibelo. 

Lezi zindaba ezibuhlungu zaxoxwa nguyise kaPapi, uYster Khomane, naye owayengumdlali wePirates ngeminyaka yawo-1970.

Imibiko iveza ukuthi uPapi nonina bebeya emngcwabeni KwaZulu-Natal, bephelezelwa ngomunye ongadalulwanga ngesikhathi beba sengozini. 

IPirates ithi izokhumbula uPapi njengomholi othule kodwa osebenzayo eqenjini. 

“I-Orlando Pirates iphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kowayengukaputeni uPapi Khomane. 

“Iqembu libikelwe nguyise, naye oyingqalabutho yeBucs, uYster Khomane okuqinisekisile ukuthi bobabili indodana yakhe nonina uNkk Rita Khomane babandakanyeke engozini yemoto namuhla (ngoMgqibelo),” kubhala leli qembu kwi-website yalo.

“UPapi ubengumuntu ongasho lutho kodwa ukuba khona kwakhe enkundleni kwakusho lukhulu. 

“Ukuguquka kwakhe ekubeni ngumuntu othule abe umholi osabekayo ngesikhathi semidlalo yinto eyayinikeza abaye ukuzethemba.

“Eminyakeni eyisishiyagalolunye enathi, uPapi wadlala imidlalo engaphezu kuka-150, isikhathi ngasinye ebeka isibonelo sokuthi kusho ukuthini ukuba yiBhakabhaka.

“Ubuholi bakhe, ekuziphatheni nasekudlaleni, bebungaqondisa iqembu.

“Uhambo lwakhe neqembu bekungelona nje amagalelo akhe enkundleni; kwakumayelana nokuqhubeka nefa lakubo. 

“UPapi noyise u-Yster, owayedlalela amaBhakabhaka ngasekupheleni kweminyaka yama-70s, bebengabanye bezingane ezimbili ezingavamile emlandweni weqembu.

“Leli fa lomndeni liwubufakazi bokuxhumana okujulile umndeni wakwaKhomane onalo neqembu.”

AmaBhakabhaka aphinde achaza umama kaPapi ongasekho njengomuntu obemeseka kakhulu.

“Kodwa-ke, ngeke sikhulume ngoPapi no-Yster Khomane ngaphandle kokuhlonipha owesifazane oqinisekise impumelelo yabo, uNkk Rita Khomane,” kuqhuba isitatimende.

“URita ubeyisisekelo kumyeni wakhe nendodana yakhe. Ubukhona bakhe emidlalweni yethu yasekhaya bekuwubufakazi bokuzinikela nothando lwakhe ngeqembu lethu.

“Egameni le-Orlando Pirates, sidlulisa ukuzwelana kwethu nomndeni wakwaKhomane futhi siyathembisa ukuthi sizobeseka kakhulu.”

Ngemuva kokuwabeka ethala amakhokho, uPapi wasebenza kwiSABC Sports engumhlaziyi isikhathi eside.