AmaZulu kaSandile Zungu: Akazinuke yena amakhwapha uGwabini
By Alfred Ngubane
USandile Zungu uthenge AmaZulu FC emndenini wakwaSokhela ngo-2020, wemukelwa ngenkulu inhlokomo ngabalandeli bebhola KwaZulu-Natal.
Akubanga ngabalandeli boSuthu kuphela abajabulela lesi sinyathelo ebesibonakala sizovusa leli qembu. Ngisho iNdlukulu kaZulu yakuthakasela lokhu.
Kwakufanele ke uma ubheka ukuthi AmaZulu anomlando omude futhi onothe kanjani ebholeni lakuleli.
Ngesikhathi ezethula uSandile Zungu, wathi uzowavusa AmaZulu ukuze ancintisane namaqembu amathathu amakhulu kuleli okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Wathi ngeke agcine lapho njengoba efisa ukuthi Usuthu lwaziwe nasebholeni lomhlaba ngokuthi lidlale emiqhudelwannei yeCaf.
Nebala uqale ngegiya elihle elikhomba izinhloso ezinkulu ngesikhathi elanda uBenni McCarthy owayengumgadli ohlonishwayo emhlabeni jikelele nakwiBafana Bafana ukuba azicija Usuthu.
UMcCarthy udlale kwiSeven Stars, Ajax Amsterdam Celta Vigo, Porto , Blackburn Rovers, Westham United ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuyeka ukudlala.
Ube eseqala ukuqeqesha kanti umsebenzi wakhe wokuqala wawutholakwiCape Town City lapho ashiye khona enqobe MTN8.
USandile Zungu uqale kahle impela
USandile Zungu umlande esebuyele uMcCarthy phesheya kwezilwandle lapho ehlala khona nomndeni wakhe eScotland.
Waqala wamthula kwabezindaba eGoli. Abezindaba KwaZulu-Natal bakhuza umhlola ngokuthulwa kukaMcCarthy njengomqeqeshi ngaphandle kwalesi sifundazwe la ezosebenzela khona.
Kubadlali, uZundu wabonakala eza kahle ngesikhathi elanda abadlali abanamava ababechithwe yiPirates oLuvuyo Memela no-Augustine Mulenga.
Walanda uVeli Mothwa kwiChippa United no-Abubakar Mobara kwiCape Town City. Uqhubekile ngemuva kwalokho walanda nenqwaba eyayidedelwe yiKaizer Chiefs.
Ukuvumile ke kuleli viki ukuthi abanye abadlali bebebasayina ngenhliziyo. Uthi bebelandela ukuthi bayamthanda lowo mdlali bengabe besabheka ukuthi uzoba wusizo noma cha kubo.
UMcCarthy wafika iqembu selidlale imidlalo eyisithupha futhi lidonsa ngodizili, walithatha wayolibeka endaweni yesibili kulogi kwiDStv Premiership.
Lathola ithuba lokuqala lokudlala kwiCaf Champions League. Nakhona lidlale kahle kodwa kwaqala kwavela iminkenke.
UMcCarthy wayelokhu esho ukuthi abanabo abadlali abanele ukudlala kulo mqhudelwano kodwa kuthiwa kuzobonwa ngendlela.
Kuhambe iqembu lahluleka ukumelana nemidlalo yeligi, abadlali sebekhathele ukudlala nxazonke. Kuqalile ke ukuvela kwezinkinga zemali.
Kwaqala kwavela ukuthi uSandile Zungu useyahluleka ukukhokhela ezinye zezinsiza ezidingwa yiqembu. Waphinde wamisa uSiyethemba Sithebe ngoba emsola ngokuthi ubahambe ngemuva ngesikhathi esayina inkontileka yesivumelwano neChiefs.
Wabe esemshwabulela ngezinkulumo ezingehlanga kahle kwabaningi ngoba ngisho uMcCarthy wazama ukungenelela kulolu daba.
Ezinye izinqumo zikaSandile Zungu ziyasolisa
Wathi yena uzombophela esikimini lo mdlali kodwa kwagcina elikaZungu njengoba uSithebe wayesegcia ngokujima kuphela.
UMcCarthy waxoshwa kungazelele muntu. Kuthe esehambile waveza ukuthi iqembu linenkinga yokuswela imali futhi bekungasasebenzeki.
Wabe eselanda uBrandon Truter owafika wenza kahle naye elifaka kwiMTN8 Usuthu. Wambonga ngenkontileka yeminyaka embili.
Kodwa naye wahlala kancane, waxoshwa kwas ekuqashwa uRomain Folz. Izidlathi zazivakasha njalo ezindlebeni kuZungu uma ekhuluma ngalo mqeqeshi.
Waze wametha igama lesidlaliso elithi nguFohloza ngoba ebheke ukuthi AmaZulu azofohloza kwasani ngalo mqeqeshi.
Kodwa naye ubuye wagudluzwa sekusele imidlalo eyisithupha futhi sekucaca ukuthi iqembu libheke eweni lezembe.
Ngaphambi kokuthi agudluzwe, kwamiswa abadlali asebekhulile eqenjini besolwa ngokuthi yibo abacindezela lo mqeqeshi ngoba bemeya ngenxa yeminyaka yakhe.
FUNDA NALA: UThabo Mooki uncengela uZwane kubalandeli beChiefs
Kuthe uma esegudluziwe, kwabanjiswa u-Ayanda Dlamini. Babuyiswa ke nalaba badlali osekuvela futhi manje ukuthi bazokhonjwa indlela.
AmaZulu endaweni ka-12. Kuphinde kwavela izigemegeme zabadlali abaphuzayo bes ebekhohlwa wumsebenzi.
Nalokhu uZungu ukuvumile kuleli viki yize iqembu lalikuphikile ngesikhathi kuvezwa nguPhumlani Dube.