EzakamuvaiNedbank Cup

Uvume ubucayi besimo kwiChiefs uCavin Johnson

Indlala yezindebe iyaqhubeka kwiKaizer Chiefs kanti noCavin Johnson – ongumqeqeshi – ubukeka esephelelwe amacebo. 

IChiefs iphinde yazifaka ehlazweni kwiNedbank Cup ishaywa yiMilford FC edlala esigabeni esiphansi iMotsope Foundation Championship. 

“Akukuhle neze,” kusho uCavin Johnson obebonakala nasebusweni ukuthi uyaziqinisa, ihlazo naye uyalibona. 

“Ngicabanga ukuthi uma uthola amathuba amaningi kanje okushaya amagoli – nephenathi ngaphezulu bese ungakusebenzisi konke lokho uzifaka ingcindezi enkulu kakhulu. 

“Senze konke obekufanele sikwenze ngaphandle kokufaka ibhola enethini – kodwa ke ibhola elinjalo. Ngingabuye ngithini. 

“Esiwombeni sokuqala sibe nenqwaba yamathuba, ngokufanayo nasesiwombeni sesibili. Kodwa ibhola belingafuni ukuya enethini. 

“Buka manje asisekho endaweni efanele. Besazi ukuthi ibaluleke kangakanani le ndebe kithi. 

“Nabadlali uma ubabheka, uyabona ukuthi bayazi bekubaleleke kanjani kubo (ukunqoba). 

“Ngiyazi bekubaluleke kanjani ukuthi siqhubekele phambili emzuliswaneni olandelayo. Kodwa yibhola ke lelo.

“Sibafisela inhlanhla phambili. Thina asenzanga neze kahle,” kuqhuba lo mqeqeshi osabambile kulo msebenzi. 

UCavin Johnson zamile ukufihla ihlazo labadlali bakhe abahlulwe amathuba, wathi bazamile futhi bebekhombisa ukufisa ukunqoba. 

“Kukhona izikhathi la besikhombisa ukulangazelela ukuqhubeka. Kodwa sibuye sehla.

“Kukhona la ngicabanga ukuthi besisheshe siphase ibhola uma sibahlasela. Lokho bekwenza singakwazi ukukhipha amaphasi afanele. 

“Besidlala kangcono uma sisebholeni, kodwa konke lokho manje akusasho manje.” 

Njengoba sekubhedile kule ndebe, iChiefs sekumele isale isiqinisa kuyo iligi yize nakhona kungekho okutheni ekulwelayo.