EzakamuvaiDStv Premiership

Iyashisa insimbi, uMiddendorp ucotshwa abadlali beSpurs

Uyanda kunokuba wehle umsebenzi ohlalele u-Ernst Middendorp kwiCape Town Spurs njengoba esekhala ngabadlali ukuthi bayadunguzela. 

Lo makadebona womqeqeshi uthi abadlali bakhe abekho esimweni esifanele ngokomqondo nangokuzethemba, okwenza bahlulwe kalula. 

Ukusho lokhu ngemuva kokwehlulwa okwesibili kusukela ethathe lo msebenzi, eshaywa yiStellenbosch FC ngo 3-1 ngoLwesibili kusihlwa. 

“Besingelona iqembu elihlangene elingakhombisa ubulona kanti yilokho okumele sikwenze uma sizimisele ukuhlala kulesi sigaba.

“Lena yinto okumele ngiyikhulume eqenjini, mhlawumbe ngithi ukuqinisa izwi,” kusho uMiddendorp. 

“Emizuzwini engu-20 yokugcina abadlali bebebukeka becobekile bekhathazekile futhi bekungahlangani lutho nje.”

UMiddendorp uphinde wakhala nangamaphutha athi abaqhatha nenduku noma kungafanele. 

“Kule midlalo emibili esiyidlalile sidlale nhgendlela edumazayo,” kusho lo mqeqeshi osesebenze emaqenjini amaningi ehlukene kuleli. 

“Kwezinye izimo ungemukela, uthi, ‘hhayi, kulungile’. Kodwa kwezinye eziningi uma sekuyophela umdlalo, ukwenza isibonelo nje, akulungile. 

“Amaphutha enziwa abadlali ngamunye abanga umzwangedwa. Yinto okumele siyisebenze ngampela.” 

“Yinto okumele siyisebenze. Ngabe yinto ebuza izinga labadlali? Noma ngabe yini, kodwa kumele ishintshe. 

“Imizuzu engu-20 yokugcina besiyihlazo nje. Uma uqhathanisa umdlalo wethu wangoMgqibelo nalona, ngathi umdlalo wethelevishini. 

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala, bekungaba u 0-0, 1-1 noma sihambe phambili ngo 1-0.” 

Njengoba umdlalo olandelayo usuyoze ube ngoDisemba 13 nje, uMiddendorp inesikhathi esanele sokubuyisa ukuzethemba lokhu akhala ngakho.

Nokho ke kuzomele akwenzisise lokho ngoba lo mdlalo wabo olandelayo bazobhekana neMamelodi Sundowns.