EzakamuvaIbhola

Akakholwanga uThalente elandwa yiPirates esekhaya

UThalente Mbatha wayeziphumelele njengoba babevalile ejimini kwiSuperSport United ngesikhathi ethola ucingo oluvela kwabe-Orlando Pirates.

Bamazisa ukuthi bafuna abuye eThekwini ezoqala ukujima nabo ngoba sebevumelene neSuperSport ngalokho. 

“Ngangishayela ngibheke ekhaya ngesikhathi ngithola ucingo lwe-Orlando Pirates bengitshela ukuthi bayangifuna.

“Ngake ngadideka , ngingazi ukuthi lokho kusho ukuthini. Mina ngatshela yiPirates ukuthi ngiyahamba ngiya kwiPirates,” kusho lo mfanyana waKwaMashu.

UThalente Mbatha ubekhuluma nabezindaba eRand Stadium la kuziqeqeshela khona iPirates. 

Bebevakashelwe abezindaba ukuzoxoxa ngomdlalo wabo olandelayo la bezobhekana khona neCape Town Spurs ngoLwesithathu ebusuku. 

“Bathi kumele ngize ejimini njengoba babengifuna kanti neSuperSport ayinankinga ngalokho.

“Ngemuva kwalolo cingo ngabe sengiyokhuluma nomama, ngimtshela ukuthi kumele ngibuyele eGoli ngokushesha.

“(AbePirates) Bangitshela ukuthi kumele ngize ejimini ngakusasa – ngemuva kwalokho ke ngabe sengijoyina yona.”

Umfo kaShandu uthi lokhu kube wukufezeka kwephupho. IPirates imsayine ngokumboleka okwamanje, kodwa uma ichazeka uyena izomsayina ngokugcwele ngoJuni. 

Usayidlale yomithathu imidlalo yePirates kusukela kubuywe ekhefini le-Afcon okwenza abonakale ewudlali uJose Riveiro akholelwayo kuye. 

Uyibamba kahle nangokuzwana noMakhehleni Makhaula esiswini futhi iPirates ayikehlulwa kule midlalo emithathu. 

“Empeleni nje kube wukufezeka kwephupho. Angikholwanga ngesikhathi bengifonela okokuqala, baze baphinde bafona futhi.

“Angizange ngiluphendule ucingo sebefona okwesibili kwaze kwaba sengifike ekhaya eduze kukamama. 

“Wangibuza ukuthi ngabe nginesiqiniseko ukuthi abantu be-Orlando Pirates ngampela laba ebengikhuluma nabo.

“Ngamtshela ukuthi kunjalo, kuwukufezeka kwephupho ukuba kwami lapha ngidlalele iPirates.”

Okwamanje into esekhanda likaMbatha wukuthi adlale imidlalo eminingi kule esele kule sizini ukuze aphucuke, abe ngumdlali ongcono. 

“Ngizoba ngumdlali ongcono ngokudlala njalo, lokho kuzongenyusela ukuzethemba.

“Nginethemba lokuthi bazongithatha ngokugcwele kuleli qembu elikhulu kangaka,” kusho yena.