EzakamuvaIbhola

ULesedi Kapinga ufunde ‘ukukhetha kahle’ ngokugilwa yiSundowns

Njabulo Shezi

Ngemuva kokubhayiziseka kwiMamelodi Sundowns, uLesedi Kapinga uthi usefuna ukujoyina iqembu elizomazisa manje. 

Lo mdlali onekhono elihle ubukeka ebuyela ezingeni lakhe njengoba edlale kahle kwiBafana Bafana ebidlala kwiCosafa Cup.

ULesedi Kapinga ungomunye wabadlali abaya kwiSundowns bebatshazwa kodwa wafike walotha njengoba ijezi ebelizwa ngendaba kule minyaka emithathu ekuyo. 

Ngesizini edlule ulithole amanenjana nje ambalwa ijezi wabe esecela ukuthi ake akhululwe khona ezoyozama kwamanye amaqembu. Nebala iSunodnws isifezile izifiso sakhe.

Leli qembu elizinze eChloorkop limkhululil ukuthi usengajoyina noma yiliphi iqembu alithandayo.

ULesedi Kapinga, oneminyaka engu-28, ufike kuMasandawana njengomdlali osezingeni eliphezulu ngemuva kokugila izimanga kwiBlack Leopards.

Nokho akakwazanga, noma akanikwanga ithuba elanele lokuthi akhombise ukuthi lento ayeyenza kwiLeopards iyiyona ngampela. 

Udlale imidlalo engu-39 kuphela kulamazisini amathathu awahlale kwiSundowns kanti uthi akathenekanga amandla yize bekunzima kanje. 

Uyafunga ukuthi uma engathathwa yiqembu elizomazisa, uzobuyela ezingeni eliphezulu njengoba ekhombisile kwiBafana ukuthi uyalazi ibhola. 

Uthe noma kungahambanga kahle, kodwa isikhathi abekwiSundowns ngaso simenze wahlakanipha futhi samnika ulwazi lokuthi aqaphele ukukhetha indawo azoya kuyona.

“Ngokwengqondo, mhlawumbe kungibele endaweni efanele. Ngikholwa wukuthi ngifunde lukhulu, ngakho ngeke ngithi yinto embi,” ucashunwe esho kanje uLesedi Kapinga.

“Mhlawumbe bekumele ngidlule entweni enjalo ukuze ngiqine njengomdlali ngiphinde ngikhule njengomuntu. 

“Ngakho ngivele ngikuthathe njengesifundo sokuthi komele ngihlakaniphe ngokuzayo.”

Ebuzwa ukuthi ngabe uzamile yini ukuxhumana nomqeqeshi uRulani Mokwena nethimba labaqeqeshi kwiDowns ukuthola izizathu ezenza angasethwa esikimini, uKapinga uthe akafuni kubuza muntu.

“Ngezwa kuthiwa kwesinye isikhathi kuhle ukungazi izinto eziningi ngento efana nalena,” kusho  yena. 

“Uma iSundowns ibasebenzela abanye abadlali lokho akusho ukuthi nami izongisebenzela. Kumele ngigxile emsebenzini wami ngiphinde ngizakhe kabusha.”

Abalandeli bafisa uKapinga ajoyine iKaizer Chiefs njengoba bebona sengathi angaba neqhaza elikhulu ekusizeni lezi zinkunzi zaseSoweto zibuyise izinsuku zazo zokuhlonishwa.

FUNDA NALA: UMaria Mutola unxenxa ukwesekwa kukaCaster Semenya ‘ocindezelwayo’

“Ngikushiyela kwimenenja yami lokho, futhi ngizokhuluma nayo mhlawumbe kusukela ngoMsombuluko uma ngifika eGoli,” usho kanje.

“Engibona kungifanele manje wukuthi ngiye eqenini elizongidlalisa. Ngifuna iqembu elizongazisa.”