EzakamuvaIbhola

UKhama noRusike bajimela ukuthola amaqembu ngoJanuwari

Abadlali ababili abadabuka eZimbabwe, uKhama Billiat no-Evans Rusike bajima ndawonye eGoli njengoba besalinde ukuthola amaqembu abazodlala kuwo. 

Laba badlali banekhono elihle futhi akekho olingabazayo kodwa kumanje abanamaqembu.

UKhama Billiat yena walaxaza iKaizer Chiefs ngoba ezitshela ukuthi umsebenzi uzosheshe awuthole kwenye indawo kodwa kubukeka enesinyamana nje esimlandelayo. 

Uke wawuthola e-Egypt kwiZamalek FC kodwa leli qembu labuye lahoxa uma esefika ezijima, wathola ukulimala. 

Kuke kwakhona namahlebezi okuthi uyafuneka eSaudi Arabia kanti neCape Town City ike yambiza futhi kumanje ilinde yena asho ufunani. 

U-Evans Rusike yena wakhululwa yiMoroka Swallows ngesizini edlule ngenxa yokuhlushwa ukulimala kanti kusuka lapho usalokhu ebhekile. 

Laba badlali bobabili bahlushwa ukulimala njalo kanti kungenzeka namaqembu asenokwesaba ukubathatha kwazise nomholo wabo uba mkhulu.

Impempe ihoshe ngomthombo wayo ukuthi ngesikhathi besalindile ukuthi akhona yini amaqembu azovela ngoJanuwari, sebeqalile ukujima. 

Iwindi lokusayinwa kwabadlali lizovulwa ngoJanuwari. Nokho bona njengona kumanje bengenaqembu, bengabhaliswa namanje. 

Ukungabi namaqembu abadlala kuwo kwabo kubaphuthisele nangethuba lokubuyela eqenjini lesizwe laseZimbabwe.