‘Le ndebe ngeyesizwe sonke,’ kusho uSiya Kolisi weBoks
SIHLE NGUBO
Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi, uthi iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo bayiwinele bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi bebezinikele ngakho konke ukukwenza lokho.
Usho kanje ngesikhathi amaBhokobhoko efika esikhumulweni sezindiza e-O.R Tambo nendebe iWebb Ellis, ngoLwesibili.
INingizimu Afrika iqukule iWebb Ellis okwesibili kulandelana ngemuva kokushaya iNew Zealand ngo 12-11 kowamanqamu ngoMgqibelo ebusuku.
Ibe yizwe lokuqala ukuwina le ndebe amahlandla amane emlandweni.
“Siyabonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuseseka.
“Kube amasonto anzima kodwa empeleni bekuyiminyaka emine elukhuni sizilungiselela,” kusho uKolisi.
Uveze ukuthi ibinkulu kakhulu ingcindezi ngoba bebebona ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bathini.
“Ngo-2019 abantu babenethemba lokuthi sizoyiwina iNdebe yoMhlaba kodwa ingcindezi ingekho.
“Nokho kulokhu bebeyifuna futhi besibheke ukuthi sibuye nayo,” kusho uKolisi.
“Le ndebe eyabantu bonke baseNingizimu Afrika, abadla izambane likapondo nabahluphekayo.
“Noma siphuma ezimeni ezehlukene kodwa obekubalulekile ukuwinela amaBhokobhoko nabantu baseNingizimu.
“Leyo ngane ele emakhaya esibukayo. Ingane engenazo izicathulo, engenakho ukudla.
“Sonke siqhamuka kulezo zimo, uCheslin (Kolbe) uqhamuka kuleso simo. Le ndebe eyethu sonke.”
UKolisi uthe akumnandi ukuthi ngeke balijikeleze izwe lonke begabisa ngendebe “kodwa le njabulo ngethemba ukuthi ngeke iphelele lapha. Le mpumelelo kumele yenze okungaphezulu.”
Lo kaputeni uzoya kodlala eFrance njengoba sekuphele iNdebe yoMhlaba.
Akafunanga ukuchaza okuningi ngokuqhubeka nokuba ukaputeni nokuthi angase athi khumu nini.
“Okubalulekile kimina ukugqoka ijezi lamaBhokobhoko kungakhathalekile ukuthi ngingukaputeni noma cha.
“Ngizohlale ngisabela uma iqembu lesizwe lingibiza,” kusonga uKolisi.
USiya Kolisi ungukaputeni wesibili emhlabeni ukuqukula iNdebe yoMhlaba kabili kulandelana.
FUNDA NALA: Kulamule uBiyana iBanyana ibhubhudla iDR Congo
AmaBhokobhoko awine iNdebe ngo-1995, 2007, 2019 nango-2023.