EzakamuvaIbhola

UJohnson uyakuqonda okwenziwe uChivaviro ekhishwa

Umqeqeshi weKaizer Chiefs wesikhashana, uCavin Johnson, uveze ukuthi ukuphatheka kabi yikho okuholele ekutheni umgadli uRanga Chivaviro akhombise ukungenami ngesikhathi ekhishwa. 

UChivaviro ukhishwe esiwombeni sesibili ngesikhathi iChiefs ishaya iPolokwane City ngo 1-0 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Lo mgadli, oneminyaka engu-31, ungomunye wabadlali abayisikhombisa abasha abasayiniswe Amakhosi ekuqaleni kwesizini. 

Yize ebenerekhodi eliqinile kwiMarumo Gallants la eshaye khona amagoli angu-10 emidlalweni engu-20 yeligi nayisikhombisa kwiCaf Confederation Cup, kusenzima kwiChiefs.

Lo mgadli odle ngomzimba usayibhakuzise kanye nje vo inethi emidlalweni engu-12 kuyo yonke imiqhudelwano.

UJohnson ubalule ukuthi kujwayelekile ukuthi abagadli benze kanjalo uma amagoli ebaphika. 

Uveze ukubaluleka komqondo walo mdlali, wanxusa uChivaviro ukuthi acabange ngengcindezi yookudlala kwiChiefs engafani neyeqembu asuka kulo.

“Kumele ngibuyele kuye ngiqinisekise ukuthi umqondo wakhe usesimweni esifanele ngoba uyabazi abagadli banjani,” kusho uJohnson. 

“Abagadli bayafana nonozinti, banokuhlanya kwabo nje. Kwesinye isikhathi bahlanyiswa wukuthi bafuna ukushaya amagoli ngoba yilokho okubenza bezizwe bephila. 

“Impela ngiyavuma bekumele ngabe ulishayile igoli ngoba ulitholile ithuba elihle. Uzakhele lona ngokwakhe, wabe eselithumela kwesokunxele ibhola. 

“Ngicabanga ukuthi ukube wehlise umoya kancane, bekunesikhala kwesokudla la abengadla khona inethi.

“Kodwa uvele washeshe wakhahlela. Ukube uliphushile nje ngesineke, bekuyoba yigoli,” kuchaza lo mqeqeshi. 

UChivaviro akuyena ke umdlali wokuqala kwiChiefs ukuchizela umqeqeshi uma ekhishwa.

Ngesizini edlule uNjabulo Ngcobo wenza okufanayo waze wacishe wathuthana ngequpha noLee Baxter obengumqeqeshi wonozinti ngaleso sikhathi.