EzakamuvaIbhola

Liphinde lagaxela igeja kwiSundowns ibanjwa yiPyramids

Iphinde yalahla amaphuzu iMamelodi Sundowns ngesikhathi ibambana nePyramids FC, yase-Egypt, ngo 0-0 emdlalweni kaGroup A weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ngeSonto ntambama.

Ukudlala ngokulingana kweSundowns kuchaza ukuthi seyilahle amaphuzu amahlanu emidlalweni emibili yeChampions League. Ngeledlule ishaywe yiTP Mazembe ngo 1-0 ekuhambeni.

Kulo mdlalo iSundowns iqale ngenothi eliphansi nobekwenza ukuthi iPyramids iyivale kalula esiswini. 

ISundowns ibukeke ishaya ngonyawo lonwabu ingakhombisi ukuthi ijahile. Nokho kubukeka sengathi umqeqeshi uRulani Mokwena, ubathethisile abadlali ngesikhathi sekhefu njengoba bebuye sebeshintshe kakhulu.

UPeter Shalulile uthole amathuba amabili okuthi alibeke enethini kodwa kwangavuma.

Ngaleso sikhathi ibisingqongqoza kakhulu iSundowns kodwa udonga lwePyramids lungafuni lutho.

UFagrie Lakay wePyramids uyeke uqekelele wethuba ngomzuzu ka-70. ISundowns beyenze iphutha emuva unozinti uRonwen Williams wazithola esebhekene nabadlali ababili bePyramid.

UShalulile ulishayile igoli ngomzuzu ka-81 kodwa inkundla yasheshe yathula sekubonakala ukuthi iduku likanompempe bese liphakeme. 

Ngomzuzu ka-89 uHamid Toeima uthole ikhadi eliphuzi lesibili, waphuma ngekhadi elibomvu. Ukuhluleka ukuwina kweSundowns kuyifakela ingcindezi njengoba isazodlala imidlalo emibili ekuhambeni.

Nokho kusavulelekile kuGroup A njengoba womane amaqembu enamaphuzu amane. 

Emdlalweni olandelayo iSundowns izonikela eKapa lapho izobhekana neCape Town Spurs koweDStv Premiership. KoweChampions League olandelayo izovakashela yona iPyramids e-Egypt.