UTembo uzulelwa amanqe, abaphathi sebeyamngabaza
SIHLE NGUBO
Kukhona okusina kumjeqeza uKaitano Tembo oqeqesha iRichards Bay edonsa kanzima kwiDStv Premiership.
INatal Rich Boyz iphinde yalahla amaphuzu ngesikhathi ithelwa othulini ngo 3-2 omkhaya iRoyal AM emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto.
Akuhambi kahle neze kuleli qembu laseMhlathuze selokhu kuqale isizini. Kuke kwaba nethemba ngesikhathi iNatal Rich Boyz ibambana ne-Orlando Pirates ngo 0-0 emdlalweni weligi emasontweni edlule.
Nokuhamba ibanga elide kwiCarling Knockout ka-2023 bekubukeka kuzoligqugquzela leli qembu laKwaZulu-Natal.
Likhishwe yiStellenbosch FC ngo 3-0 kowandulela owamanqamu. Leli qembu lisanda kuqasha uVusumuzi “Kanu” Vilakazi osesizana noTembo.
Lesi yisinyathelo asincome kakhulu uTembo, wathi iqembu belikudinga lokho.
Nokho kuzodingeka bakhuphule amasokisi uma bengafuni ukuzibona bebuyela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
Okuqaphelekayo ngabo ukuthi bayawakha amathuba okushaya amagoli kodwa badle ngokugeja.
Impempe seyihoshe umoya wokuthi akusekude uTembo akhonjwe indlela futhi umphumela wangempelasonto kungenzeka umdonsele amanzi ngomsele.
Omunye wabasondelene naleli qembu uthe abaphathi sebeqalile ukushaya amakhala ngoTembo futhi sebecabanga ukuthatha izinyathelo.
“Kungenzeka kuphele leli sonto engasekho uTembo ngoba vele iqembu linaye umqeqeshi oseduze ozothatha uma bemdedela yena.
“Phela uKanu (Vusumuzi Vilakazi) uzikhombisile kwi-Arrows ukuthi uyawazi umsebenzi manje uzonikwa yena uma sekudedelwe uTembo,” kusho lo ocele singalivezi igama lakhe.
Elinye iqembu elidonsa kanzima yiCape Town Spurs, esanda kuqasha u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi.
FUNDA NALA: URalani uxoshelwe ‘ubuxoki nokungathembeki’ kwiSpurs
Okuphawulelayo ukuthi nalo leli qembu likwaze ukuthatha amaphuzu aphelele kwiPirates kodwa kweminye imidlalo kukhala isibhaxu.

