EzakamuvaIbhola

UTruter ufuna ukuyiphoxela eMabhida ‘la ibalekele khona’ iChiefs

Alfred Ngubane

UBrandon Truter, ongumqeqeshi weSekhukhune United, uthi iKaizer Chiefs ibalekisele umdlalo wayo nezakhe eThekwini ngoba yenqena ukuthi uyayixaka eFNB Stadium. 

Lo mqeqeshi uthi iChiefs ayikaze imshaye uma kudlalelwa kule nkundla yaseJozi, yingakho umdlalo wangoLwesithathu useMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

Lo mdlalo uzoqala ngo-7.30 kusihlwa, kanti kulindeleke ukuthi uqale ngegiya eliphezulu kakhulu ngenxa yokuthi womabili lamaqembu ayawdinga amaphuzu. 

IChiefs iza kulo mdlalo nje iphefumula ngenxeba njengoba iphuma esibhaxwini samaqembu asePitori iSuperSport United neMamelodi Sundowns. 

Kulindelwe ukuthi ilwe ngandlela zonke ukuthi ingahlulwa yiSikhukhune. Kodwa uTruter naye akaziboni eshaywa yiChiefs.

“Angikhumbuli iChiefs ingishaya kodwa ngenxa yerekhodi lethu (elingelihle) eKZN, cishe babuke lokho base besiletha khona,” kusho uTruter. 

“IChiefs isanda kuhlulwa (yiSuperSport neSundowns), ngakho kuzoba wumdlalo omkhulu lona.

Lo mqeqeshi uthi njengoba iChiefs isayine abadlali abathenjwayo nje nabebefunwa abalandeli, lukhulu olubhekwe kuyo.

“Basayine abadlali abaegama kanti abadlali abanegama baletha ithemba lezinto ezinkulu ngakho ingcindezi iyanyuka.”

Okuhle ke nokho, ngokusho kukaTruter, wukuthi uyancipha umsebenzi womqeqeshi uma iqembu lakhe lizobhekana nalezi zinkunzi zaseSoweto. 

“Noma ngabe yiliphi iqembu elidlala neChiefs, abadlali abadingi ukugqugquzelwa. Impela sizilungiselele, kodwa wumdlalo wabadlali lona.”

Emidlalweni eyisikhombisa, iChiefs isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili kuphela, okuyinto eyibeka endaweni yesishiyagalombili. 

ISekhukhune nayo ayikho ngcono njengoba inamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo eyisithupha okuyibeka endaweni yesithupha.

FUNDA NALA:  UKamwendo uhlaba eyezihlabani eziningi kakhulu kwiPirates

Ngokwabadlali ababophele, lamaqembu kumele ngabe asondele kakhulu kwiSundowns ezihola phambili emjahweni wesicoco seligi.