Imfihlo yokuvuka kweSpurs ikubadlali, hhayi uMazinyo
Sekuvele ukuthi abadlali beCape Town Spurs baba nemihlangano la bexoxisana babuye bagqugquzelane ukuze bamelane nolaka lomqeqeshi u-Ernst Middendorp.
Impempe ihletshelwe lezi zindaba wumthombo wayo osondelene naleli qembu laseKapa elibukeka liza kahle kulezi zinsuku.
Ezika-Ernst Middendorp seziqoqe amaphuzu ayisikhombisa kwayisishiyagalolunye ezisawadlalelile kusukela kubuywe ekhefini.
Zavulela isibhaxu esinzima sika 3-1 kuMaZulu FC, zalandelisa ngesika 2-0 kwiTS Galaxy, zabe sezigolozela i-Orlando Pirates zaze zagcina ziyibamba ngo 1-1.
Umthombo uthi abadlali asebekhulile eqenjini, iningi labo eselike lasebenza noMiddendorp phambilini, selisebenza ukweluleka abadlali abasebancane.
“Phela lento oyibona enkundleni ethetha, elwa ingcono kuneyenzeka ejimini,” kusho lo mthombo.
“Manje lezi ezindala zibatshelile abancane uma sekuzwela ukuthi ababekezele, lo mqeqeshi uzobenza balivike izembe yize nje indlela abaphatha ngayo ingekho mnandi.
“Bahlala phansi bavumelana ukuthi okwamanje kumele babhekane nokukhipha iqembu ezembeni bese okunye sebeyokubona ekupheleni kwesizini.”
FUNDA NALA: Ijabulise umqeqeshi iLindelani Ladies ivula ngewini
Uqhube wathi awumboni lo mqeqeshi eqhubeka nalo msebenzi ngesizini ezayo ngoba nabaphathi sebeyazi ukuthi abadlali abeneme.

