URalani uxoshelwe ‘ubuxoki nokungathembeki’ kwiSpurs
Ukuxoshwa kukaSurprise Ralani kwiCape Town Spurs esenezinyangana esayiniwe kuthuse abaningi njengoba iqembu lingachazanga ukuthi inkinga ibe kuphi.
URalani ubesayine kwiSpurs ngo-Okthoba 26 futhi kubonakale kuyisinyathelo esihle kuleli qembu kwazise lidonsa kanzima.
Ikhono namava alo mdlali odabuka eKimberly kubonakale kuzoba wusizo kakhulu kuleli qembu elisanda kuqasha u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi.
Isikhulu saleli qembu, u-Ari Efsthathiou, siphumele obala kuleli sonto sathi uRalani nguyena owazicelela ukuba akhululwe ngenxa yezinto ezithinta yena uqobo.
“USurprise Ralani akadedelwanga yiqembu, uyena ocele ukukhululwa ngoba enezinkinga abhekene nazo,” kusho lesi sikhulu kwiKickOFF.
“Inkontileka yakhe bekungeyesizini inombandela wokuyelula. Ngokokudlala, ubesanguRalani lo esimaziyo, ngakho bekungekho nkinga ngalokho.”
Kodwa ke Impempe seyizule yaze yasithola ke isizathu okuyisona esenze lo mdlali agxalwe kabuhlungu kangaka.
Ngokuthola kwethu, uRalani ubizwe ngexoki kuleli qembu futhi ayikho into abezoyenza njengoba ebephoqwa ukwenza into angayithandi.
“Inkinga iqale ngesikhathi intwana yakhe (indodana kaRalani) isayina kwiCape Town City),” kusho osondelene nalo mdlali ocele ukungadalulwa.
“Kube sekuthiwa akathembekile eqenjini, kungani ethathe ingane yakhe wayisa ezitheni… Babe sebethi akayibuyise ize kwiSpurs.
“Bathe uma esafuna ukuhlala khona, akakhombise ukuthembeka kwakhe ngokubuyisa ingane yakhe izodlala eqenjinielilodwa naye.
“Ngokubuka isimo seqembu, kube nzima kuye ukwenza lokho, wabe esebona ukuthi into engcono angayenza wukuthiashiye.
FUNDA NALA: Liphinde lagaxela igeja kwiSundowns ibanjwa yiPyramids
“Uyazi vele yena sesiyaphela isikhathi sokuthi adlale ngakho ubengeke alimaze ikusasa lengane yakhe ngoba yena efuna ukugcina umsebenzi,” kuchaza lo mthombo.

