AmaZulu embangweni womgadli nelaseTanzania
Kuvela ukuthi AmaZulu kuzomele azibambe ziqine uma efuna ukugcina esayine umgadli waseCameroon okunconywa ikhono lakhe njengoba sekubawabangisayo.
AmaZulu kuthiwa azimisele ngokusayina lo mgadli oneminyaka engu-24 njengoba efuna ukuqinisa emafolosini awo.
Kodwa manje lo mgadli, uLeonel Ateba, ufunwa uthuli naseTanzania la iYoung Africans kuthiwa seyisivezile isifiso sayo ngaye.
Ngokubika kweSNL24, umqeqeshi woSuthu, uPablo Martin uzimisele ngokuqinisa phambili kanti kubonwa u-Ateba ezoba wusizo.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi AmaZulu ake ashwetshiswa umgadli waseGuinea uYakhouba Barry okuthiwa wazidlela imali yokuza ayefakelwe yona qede wazihlalela ekhaya.
Asanda kushonelwa nanguBongi Ntuli obengumgadli wawo onamava futhi obelithwala iqembu uma sekukukubi.
“AmaZulu asekhulumile neqembu adlala kulo njengamanje futhi kungenzeka afike noma nini,” kusho uumthombo weSNL24.
“Angazi ke ukuthi uzofikela ukuzohlolwa kuqala noma uzobe esesayiwe ngokugcwele uma efika.
“Kodwa khona abaqeqeshi bakubeke kwacaca ukuthi bafuna umgadli kanti u-Ateba uyena ohamba phambili kokubhekwa kubo.
FUNDA NALA: Mabedi: iChiefs seyivele imtholile umqeqeshi
“Akucaci ke nokuthi uzofika ngesikhathi sekhefu likaKhizimuzi noma uzofika ngemuva kwe-Afcon uma kuwukuthi ungenile eqenjini leCameroon.”

