EzakamuvaIbhola

Basale ngaphandle abeChiefs kuqokwa eleBafana 

Akukho noyedwa umdlali weKaizer Chiefs eqenjini lesizwe iBafana Bafana ezodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, ememezela iqembu lakhe azohamba nalo ukuyoyibamba enhla ne-Afrika, ngoLwesine ntambama.

Abadlali beKaizer Chiefs abebenethuba lokugcina beyile e-Ivory Coast (ngoba bebekhona esikwatini obekuzokhethwa kusona), uBruce Bvuma, uSibongiseni Mthethwa noGiven Msimango.

Nokho bonke laba badlali basale ngaphandle eqenjini likaBroos nokuchaza ukuthi bazoyibuka belapha ekhaya imidlalo ye-Afcon.

Omunye umdlali ongeke alubhade kwi-Afcon uLyle Foster ogijima kwiBurnely yase-England.

Nokho mhlawumbe yingoba lo mgadli uke wahlala isikhathi eside engadlali.

Ngaphezu kwalokho, iqembu lakhe belivele like lakuveza ukuthi alithandi asuke eduze kwalo okwamanje njengoba esahlala ngokuxilongwa odokotela.

Imidlalo ye-Afcon izoqala ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11. Ngalesi sikhathi izobe imile imidlalo yeDStv Premiership.

Selilonke iqembu lesizwe lakuleli limi kanje:

Onozinti: Veli Mothwa, Ronwin Williams noRicardo Goss

Izitobha: Sydney Mobbie, Aubrey Modiba, Nkosinathi Sibisi, Mothobi Mvala, Siyanda Xulu, Grant Kekana, Khuliso Mudau noTerrence Mashigo

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Thapelo Maseko, Thapelo Morena, Thabang Monare, Sphephelo Sithole noJayden Adams

Amafolosi: Themba Zwane, Evidence Makgopa, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Oswin Appollis, Mihlali Mayambela.