Ezakamuva

UMakaab usonga ukubopha abathi ‘uyimbungulu’

Imenenja yabadlali edumile nehlonishwayo kuleli, uMike Makaab usesolwe ngokudla amandla abadlali abangaphansi kwenkampani yakhe.

UMakaab unenkampani ephethe abadlali bemidlalo ehlukene iProSport International kanti usesabise ngokubopha ababhale kwi-X ukuthi ubamba imali eyeqile kwevumelekile.

IRushsportson ibhale kule nkundla yokuxhumana ukuthi kunabadlali abangaphansi kukaMakaab abangeneme.

Kuthiwa oNkosinathi Sibisi, Sipho Mbule,Mothobi MvalanoTerence Dzvukamanja abayizwa eyokuthi uMakaab ubamba u-14% wemiholo yabo.

Ngaphezu kwalokhu kuthiwa uphinde abambe u-14% emalini abayinikwa amaqembu uma besayina.

Kuthiwa ukwenza lokhu ngaphezu kokuthi uvele naye unokuthile akutholayo emaqenjini kokuthi uyimenenja yabo.

Ngokokubika kwalaba, izimenenja zabadlali azivumelekile ukuthatha ngaphezu kuka-10% ngakho uMakaab udla amandla abo.

Ebuzwa ngalokhu uMakaab ohlezi ekhona kule nkundla, uthe usekhulume nabammeli bakhe ukuba kube yibo abayilwayo lempi abhekene nayo.

“Yileyo inhloso. Sonke singaba nemibono ehlukene kodwa uma amanga aluhlaza cwe eshicilelwa ngenhloso yokulimaza isithunzi somuntu, kumele ilungiswe ngomthetho. 

“Ukushicilelela ukufuna abafundi bakunake ngenye into, kodwa le yokuthunaza isithunzi ngabomu ngenye into,” kubhala uMakaab.

IRushsportson iphinde yabuya yasola uMakaab ngokuba yimbungulu emunca igazi labadlali bese ebalahlisa okwenyongo yenyathi.

UMakaab wamlahlisa okwenyongo yenyathi uRamagalela 

Bathe wayedla imali kaRodney Ramagalela kodwa kuthe uma esecela amsize kade eshelwe umuzi wavele wamchizela. 

Kumanje uRamagalela akanaqembu futhi uzihlelele ekhaya eLimpopo, kanti kusolwe uMakaab ngalokhu.

Uziphendulele nakulokhu, wathi yingakho nje esebafake kubammeli ngoba abezwa, bayaqhubeka nokushicilela amanga egameni lakhe. 

“Amanye amanga lawo. Nizozwa ngethimba lami lezomthetho maduze futhi sizoyiqeda nya lento yenu yokudicilela amagama abantu phansi.” 

NeSafa ike yazama ukubabopha, ithi badicilele phansi isithunzi sikamengameli wayo uDanny Jordaan. 

Ngaleso sikhathi babebike ukuthi uJordaan nguye owayalela ukuthi uDesiree Ellis angamdlalisi u-Amanda Dlamini eNdebeni yoMhlaba ngoJulayi.

Kodwa ke iSafa njengoba yaziwa ngokuhlale igeja, yageja yasukela imenenja yabadlali enenkampani enegama elicishe lifane, yayithumela kuyo incwadi.