Mabedi: iChiefs seyivele imtholile umqeqeshi
Inkakha yeKaizer Chiefs eke yaba ngumqeqeshi isikhashana kuleli qembu, uPatrick Mabedi ubona bekungaba wukuzigangela kwabaphathi nje ukuqhubeka nokucinga umqeqeshi.
IChiefs ayinaye umqeqeshi njengamanje kanti kubanjiswe uCavin Johnson ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki.
Leli qembu kukholakala ukuthi lisemkhankasweni omkhulu wokufuna umqeqeshi ozothatha lo msebenzi ngokugcwele.
Nokho uPatrick Mabedi uthi lokho wukuchitha isikhathi nje kungenasidingo ngoba vele usekhona umqeqeshi ofanelwe yilo msebenzi.
“UJohnson uyena umqeqeshi ofanele lo msebenzi,” usho kanje uPatrick Mabedi kwabeSNL24 muva nje.
“Uyena umuntu ofanelwe yilo msebenzi. Iqembu akusamele lilokhu libheka engxenye bese liphazamisa lokhu akwakhayo.”
Ngokubona kukaMabedi, uJohnson usevele uwuqalile umsebenzi wokwakha kabusha iqembu futhi umehluko uyabonakala.
“Uyabona, uyakholelwa ekuhlanganiseni abadlali asebekhulile nabasebancane okuyinto esivele iqalile ukulisebenzela iqembu.
“Okokuqala lokho. Okwesibili wukuthi ungumqeqeshi wakuleli ngakho uyayiqonda indlela yeKaizer Chiefs yokwenza izinto.
“Nabadlali ngokunjalo, uyabazi kahle. Iligi nayo uyiqonda kahle njengoba esenesikhathi eside esebenza kuyo,” kuqhuba uMabedi.
UJohnson ubesebenza eyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly emsebenzini wakhe wokugcina.
Ngaphambi kwalokho usebenze kwiPlatinum Stars, SuperSport United, Black Leopards naMaZulu FC.
KwiChiefs ufike ezophatha uphiko lwezinkulisa kodwa ngenxa yokubhedelwa yizinto ngaphansi kukaNtseki, wacelwa ukuba azobamba eqenjini elikhulu.
“Okokugcina,” kusho uMabedi, “Awubheke indlela abahlanganise ngayo abadlali, lokho sekuqalile kusiza iqembu linqobe imidlalo.”
Emidlalweni emihlanu ngaphansi kukaJohnson, iChiefs inqobe emithathu, yahlulwa kwemibili.
Ushaywe yiGolden Arrowa emdlalweni wakhe wokuqala, waphindwa yi-Orlando Pirates ngesibhaxu komunye.
Yena washaya iCape Town Spurs ngo 3-2, iMoroka Swallows nePolokwane City ngo 1-0 kulandelana.
Umdlalo olandelayo weChiefs ungoMgqibelo la izobhekana khona neRichards Bay FC ezidonsela kanzima ngokwayo.
FUNDA NALA: Ubonge umqeqeshi uKimvuidi eshaya igoli lokuqala
Izobe seyivala unyaka ngeSekhukune United ekuhambeni ngoDisemba 30, bese kuyiwa ekhefini leCaf Africa Cup of Nations.

