EzakamuvaIbhola

USekgota uphalaza iqiniso ngokucela ukukhululwa yiChiefs 

UKgaogelo Sekgota ubhoboze ithumba ngokwenza washiya kwiKaizer Chiefs abegijima kuyo ngesizini edlule.

Lo mdlali wasesiswini kwesokunxele uhlale amasizini amabili kwiChiefs kanti ubebonakala engagcina engumdlali ongukhiye kodwa kwabuye kwacisha.

Udedeliwe ekuqaleni kwesizini njengoba esekwiStellenbosch FC la asenqobe khona indebe yeCarling Knockout efika nje.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wamanqamu la beshaye khona iTS Galaxy sekukhahlelwa amaphenathi, uKgaogelo Sekgota uphalaze iqiniso ngokwenzeka kwiChiefs.

“Mina bengihola imali encane laphaya. Ngabe sengicela ukuthi bangikhuphulele umholo wami, banqaba. 

“Kulapho ke engabe sengicela ukuthi bangikhulule,” kusho kanje uKGaogelo Sekgota. 

Uthe yize eshiye eqenjini eliikhulu waya kwelithathwa ngokuthi lincane, akazisoli neze ngesinqumo sakhe.

“Angizisoli nakancane ngokushiya iKaizer Chiefs ngijoyine iStellenbosh FC ngoba lokhu engikudingayo ngiyakuthola.” 

UKgaogelo Sekgota uphinde waphawula ngokunqoba kwabo iCarling Knockout, ethi yinto elethe enkulu injabulo kuye. 

“Ngijabulile futhi kakhulu ukuthi nginqobe inkomishi yami yokuqala kwiPSL, sinabaholi abasezingeni eliphezulu kakhulu nomqeqeshi uSteve Barker ukhaliphe kakhulu.

“Lapha kwiStellenbosh inhlonipho ihamba phambili kakhulu njengoba wonke umuntu kukhona okusha ahlezi ekufunda. 

“Nokuthi abaphathi beqembu basiphethe kahle ngokulinganayo akekho umuntu ongaphezulu  kwabanye.

“Sinabadlali abadala nabancane njengoba iqembu lizikhulisela abadlali abancane.

“Kuvunguza umoya omuhle wobumbano ngaphakathi eqenjini, le ndebe siyinqobe ngoba bekufanele,” kusho lo mdlali. 

UKgaogelo Sekgota wafika kwiChiefs ephuma kwiMoroka Swallows la ayengomunye wabadlali abagqamile.

Ngaphambi kwalokho wayekwiBidvest Wits, ayefike kuyo esuka phesheya ePortugal la ayesedlale khona iminyakana.