EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Kukhalwa ngesihluku ku-Arthur Zwane exosha umdlali kwiChiefs

By Sbongs Gumbi

U-Arthur Zwane, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs kuthiwa wenze isihluku esinyantisayo, esishiye abanye babadlali bakhe bengasabethembi ubuholi bakhe. 

Kuthiwa lo mqeqeshi ongaphansi kwengcindezi utshele omunye wabadlali bakhe kwezikabhoqo phambi kozakwabo ejimini yeqembu. 

IChiefs isele nemidlalo emibili kwiDStv Premiership njengoba isazama ukuqeda endaweni yesibili kanti isanda kuwashiswa nejezi kwiNedbank Cup.

Ingcindezi yenyukile kumfokaMangethe kulandela ukushaywa kweChiefs yi-Orlando Pirates ngempelasonto edlule. 

Kuneqeqebana labalandeli elifuna ashenxe kulesi sikhundla sakhe, kulandwe umqeqeshi onamava ozokwazi ukubuyisa isithunzi seqembu. 

Nokho abaphathi abayizwa leyo njengoba besameseka nje u-Arthur Zwane, bethi bazomshoka lapho ephelelwa khona amandla. 

Nokho lezi zindaba zakamuva ezibikwa ngabeFar Post ziyethusa njengoba kuthiwa uvele watshela omunye wabadlali bakhe ukuthi uyamchitha. 

Kubikwa ukuthi uZwane utshele umgadli osayinwe ekuqaleni kwesizini, uCaleb Bimenyimana ukuthi akasekho ezinhlelweni zakhe zesizini ezayo.

Lo mgadli ufike kusanda kuqala isizini kwiChiefs ethembisa kodwa kwaya ngokuvela ukuthi engathi akekho kuleli zinga obekucatshangwa ukuthi ukulo. 

Okubi ke ngesenzo sika-Arthur Zwane wukuthi kuthiwa umtshele phambi kozakwabo lo mgadli ukuthi uma kuphela isizini aqoqe amasakana akhe, abone afike ngayo. 

“Iyaphoxa indlela okwenzeke ngayo,” lo mbiko ucaphune omunye wabadlali beChiefs ocele ukungavezwa esho kanje.

“Iyaphoxa indlela umqeqeshi atshele ngayo uCaleb ukuthi uma kuphela isizini kuphelile ngaye. 

“Uma kunesimo esinjalo, umdlali uyaye abizelwe ehhovisi achazelwe kahle ngokwenza ukuthi achithwe, etshelwa kahle ngasese.” 

Lo mdlali uqhube wathi lesi senzo sesifake ukwesaba eqenjini njengoba nabanye abadlali bengasazi ukuthi bamephi ku-Arthur Zwane. 

“Yinto okungafanele yenzeke phambi kwabanye abadlali. Babegekho ngesikhathi iqembu lilanda lo mdlali. 

FUNDA NALA: UBobby Motaung: Sizomshoka uZwane la sibona eshoda khona

“Kuyabakhathaza emoyeni abanye abadlali ngoba siyazibuza ukuthi uyoke asivikele nje uma sigxekwa uma enza kanje. 

“Nangesizini edlule ubekhuluma nani bezindaba ethi abanye bethu abekho ezingeni elifanele ngakho uzobachitha. 

“Iyagqilaza leyonto kubadlali. Kumele ngabe uyena osivikelayo. Awucabange nje ukuthi unjani uCaleb la ekhona. Iyaphoxa impela lento,” kugcizelela lo mdlali.