Ngabe sekuphelile ngoGeorge Maluleka noSuthu?
Kuvela ukuthi uGeorge Maluleka, ongumdlali waMaZulu FC, akeneme ngesimo abhekene naso kuleli qembu njengoba ijezi selifana nabakhwekazi nje kuye.
Ngokuthola kweMpempe, lo mdlali onamava ukhala uyazithulisa ngokweqiwa yijezi muva nje.
UGeorge Maluleka wazakhela igama kwi-Ajax Cape Town, SuperSport United, Kaizer Chiefs nakwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya kuMaZulu.
Nakhona kuMaZulu ufike waba ngomunye wabadlali abaphambili nebebeqala cishe yonke imidlalo kodwa muva nje itshe ligaya ngomunye umhlathi.
Ngokuthola kweMpempe ngomunye wemithombo yayo, uGeorge Maluleka akayizwa kahle le yokweqiwa yijezi.
Kuvela ukuthi uyabona ukuthi ilanga liyamshonela manje njengoba umqeqeshi waMaZulu,Pablo Martin engamuzwa kahle.
“Indoda iyabona ukuthi itoho lizophela uma kuhamba kanje njengoba kudlaliswa abadlali abasha endaweni yakhe.
“Phela insizwa le isindala seyisesigabeni la kumele ngabe idlala njalo uma ingalimele futhi isiyakwazi ukubona uma amanzi esedungekile.
“Kudlala oCenimpilo Ngema noBen Motshwari phambi kwakhe, abantu abamfice esekhoona Osuthwini,” kusho lo mthombo.
Kwenzeka lokhu nje uGeorge Maluleka usanda kuthatha isikhundla sokumela abadlali kwiSouth African Football Players’ Union (Safpu).
FUNDA NALA: USekgota uphalaza iqiniso ngokucela ukukhululwa yiChiefs
Lesi sikhundla besiphethwe uCavin Motloung phambilini kodwa wavele wasilaxaza phansi.

