Akasayizwa eyokuhlalela ujima kuphela kwiSundowns
ALFRED NGUBANE
UDivine Lungu, ongumdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, ulindele isinqumo ngekusasa lakhe kuleli qembu elingomacaphuna kusale.
Lesi sinqumo kulindeleke ukuthi siphume ngaphambi kokuba kuvulwe iwindi lokuhweba ngabadlali ngoJanuwari.
Lo mdlali ulizwa ngendaba ijezi selokhu abuyela kwiSundowns esuka kwiGolden Arrows abebolekiswe kuyo ngesizini edlule.
ULungu ubanga indawo no-Aubrey Modiba, Abdelmounaim Boutouil noTerence Mashego kwiSundowns.
Lokhu kumenza abe ngowesine ohlwini lwabadlali abadlala le ndawo kwiSundowns, okuyisimo okuvela ukuthi asimphethe kahle.
Ngokusho kosondelene nalo mdlali ocele singamdaluli, uthi akasayizwa nhlobo indaba yeSundowns.
“Usefuna ukuhamba kuleli qembu. Ukhala ngokweqiwa yijezi,” kusho lo mthombo.
“Okunye wukuthi uyabona naye ukuthi kumele alinde uTerrence Mashego yena osalinde Aubrey Modiba noBoutouil okuyibo abadlaliswayo okwamanje.”
Ekuqaleni kwesizini, iSundowns iphoqeke ukuthi idedele uLyle Lakay ukuvulela indawo uMashego.
FUNDA NALA: Kuthiwa ‘ulimele’ umdlali osenyamalale izinyanga kuMaZulu
USifiso Ngobeni naye ukhona kwiSundowns futhi naye usalinde umlala futhi.

