EzakamuvaIbhola

Ufunwa phesheya osekhathele wukuntuntiswa yiDowns

Umgadli odabuka eNigeria owasayinwa yiMamelodi Sundowns eminyakeni emithathu edlule kuze kube manje akakaze adlale kuleli qembu, usethole izesheli phesheya.

U-Etiosa Ighodaro ufike wabolekiswa kwiChippa United la efike wenza khona kahle kakhulu kwaze kwavela ukuthi iSundowns izombuyisa.

Nokho ngenxa yokuthi iphinde yalanda abanye abadlali bangaphandle, isikhala sakhe asivulekanga. 

Ube esebolekiswa kwiSuperSport United kodwa khona ukuthola kunzima ukuthola ijezi. 

Kuke kwavela imibiko yokuthi usefisa ukuthi iSundowns ivele imkhulule ayozizamela elinye iqembu.

Kodwa manje ngathi kuzomlungela njengoba sekuneqembu laseBelgium okuthiwa lisha amashushu ngaye.

Ngokubika kweSoccer-Laduma, lo mdlali ukhona nasezinhlelweni zeKaizer Chiefs kodwa leli qembu kubukeke lingeke lisamthola. 

Lokhu kungenxa yokuthi iClub Brugge yaseBelgium seyivelile kwiSundowns izoxoxisana nayo ngalo mgadli.

“IClub Brugge izimisele ngaye. Bake babuza ngaye kwazise umgadli wabo ovelele (uThiago) uyahamba ekupheleni kwesizini. 

“Bahlonze u-Ighodaro njengozongena esikhundleni sakhe,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Angikwazi ukunaba ngemininingwane kodwa isivumelwano singenziwa ngesizini engasebenzi uma amakilabhu evumelana ngezimfuno zawo. Kungaba yisinyathelo esihle kumdlali futhi iSundowns ingase yenze izigidi ezimbalwa kule nkontileka njengoba injalo,” kusho umthombo wephephandaba.

Sekuzosala kwiSundowns ukuthi izogcina ithathe isinqumo esithini ngo-Ighodaro uma kuphela isizini.