UThabo Cele angase ajoyine uBlom kwiSt Louis, neDowns iyamfisa
Njabulo Shezi
Sekuvele ukuthi uThabo Cele, okwiBafana Bafana njengamanje njengoba idlala kwiCosafa Cup, uhalelwa amaqembu ehlukene.
ISekhukhune United, esike sabika ukuthi seyimsayinile uCele, kuvela ukuthi wanqaba ukusayina kuyo kulandela ukuthi eyayimnika khona kungamenelisanga.
Abamele lo mdlali babambe umhlangano wamahora amathathu nomqondisi wezemidlalo kwi-Al Ahly bedingida uCele. NeSt Louis yase-America iyavela kwamfunayo.
ISt Louis isivele inababili baseNingizimu Afrika emabhukwini ayo okungumqeqeshi uBradley Carnell nomdlali wasesiswini uNjabulo Blom.
Yize kunjalo kodwa akukafinyelelwa esivumelwaneni njengoba izingxoxo zisaqhubeka, kusho umthombo weMpempe.
“UThabo Cele ufunwa yiSt Louis City yase-America kanti abaphathi bakhe babe nomhlangano ngocingo amahora amathathu ne-Al Ahly kukhulunywa ngoThabo Cele.
“Okwamanje akukho qembu abaphathi bakaThabo Cele asebevumelene nalo. ISekhukhune yayimfuna futhi yakubeka etafuleni enakho, kwasho ukuthi kuncane kakhulu.,” kusho umthombo.
Izingxoxo ezithinta ikusasa likaCele zishubile njengoba iSt Louis City, Al Ahly Raja Casablanca, neSundowns kuvela ukuthi badlana imilala kulo mjaho wokumsayina.
“Sisaxoxisana ngokusayina kukaThabo Cele. Amaqembu akhombise intshisekelo okwamanje yiSt Louis City yase-America, Raja Casablanca neSundowns.”
UCele naye useke waphumela obala ngokuthi yini ayifisayo ngekusasa lakhe, wathi ubengathanda ukujoyina iKaizer Chiefs uma ebuyela ekhaya.
Njengamanje usezincwadini zikaRadomiak Radom edlala esigabeni esiphezulu ePoland kanti inkontileka yakhe iphela ngoJuni 2024.
“Yinto engiyaziyo futhi into engahle yenzeke ikakhulukazi uma kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
“Ngeke ngiqambe amanga, yinto engiyicabangelayo ngoba kwesinye isikhathi ukuthole kunzima (phesheya), ucabange zonke ezinye izinto,” kusho uCele kuleli viki.
“Kodwa njengoba ngishilo, inhloso yami wukukhuphuka ngiye kumaligi amakhulu phesheya ngoba iphupho lami lelo.
“Ngakho-ke, ukubuyela eNingizimu Afrika njengamanje akuyona into engiyicabangayo, kodwa leli yibhola, ngeke uqinisekise ukuthi kuzokwenzekani.”
FUNDA NALA: OweBafana Bafana uvikela uMabasa ohhahhanyezwe abalandeli
Nokho mancane amathuba okuthi iChiefs ingenele umbango wokusayinisa uThabo Cele kwazise isivele izitholele abadlali abathathu abasha abadlala indawo efanayo.