EzakamuvaIbhola

Uyakudinga ukwesekwa ‘ngesipiliyoni’ uKhenyeza – inkakha

UNjabulo “Mvonqo” Manqana owayengumdlali weLamontville Golden Arrows uthi iqembu lidinga ukuthola umqeqeshi onamava ozolekelelana nongumqeqeshi weqembu uMabhuti Khenyeza. 

Abafana Besthende sebehlulwe emidlalweni eyisithupha yeligi ilandela, bawashiswa nejezi kwiCarling Knockout Cup. 

UKhenyeza uqale ngegiya eliphezulu ngesikhathi esanda kuthatha izintambo kuVusumuzi “Kanu” Vilakazi. 

Bebeqeqesha ngokubambisana noVilakazi ekuqaleni kwesizini. Kuhambe isikhathi zambimba izino kuMabhuti Khenyeza. 

“Kuyangimangaza ukuthi kungani iqembu lingasenzi kahle ngoba uMabhuti uqale kahle esanda kuba ngumqeqeshi,”  kusho uManqana.

“Wakwazi nokuthela othulini iKaizer Chiefs. Ngicabanga ukuthi kunengcindezi uMabhuti Khenyeza ayithola ehhovisi.

“ Lokhu kwenza ngisole ukuthi ugcina eseyidlulisela kubadlali. 

“Uma umdlali esedlala ngaphansi kwengcindezi usuke esezokwenza amaphutha amaningi okuyinto ebonakala yenzeka kwi-Arrows.” 

UManqana uthi akumele uMakhuti Khenyeza ehliswe esikhundleni, kodwa ashokwe ngomunye umqeqeshi ozomsiza. 

“Ukuze iqembu libuyelwe wumgqigqo walo, kudingeka ukuthi lithole umqeqeshi onamava kodwa ongekho ngaphezulu kunoMabhuti ngokwezinga.” 

Le nkakha eyake yathi qu nakwi-Orlando Pirates ithi i-Arrows kumele iqinise neqembu. 

“Okunye okumele likwenze iqembu ukuthola abadlali abadlalela amaqembu amakhulu kodwa abangalitholi ithuba lokudlala kuwo. 

“Kodwa kumele kube ngabadlali abalambele ukudlala.” 

Abafana Besthende bahleli endaweni yeshumi kwilogi ngamaphuzu angamashumi amabili ngemuva kokudlala imidlalo engu-15. 

Bekulindeleke ukuthi badlale neSwallows ngoMgqibelo odlule, kodwa umdlalo ugcine ungadlalwangwa. 

Umdlalo wayo weligi olandelayo isiyoze ewudlale neMamelodi Sundowns ngoFebhuwari 14.

UMvonqo usematasa ngokuvundulula ikhono kubafana abancane emalokishini ngoba uthi isifiso sakhe ukuthi eNanda, Ntuzuma naKwaMashu kuphume abanye oMvonqo.