EzakamuvaiDStv Premiership

Kuyabhimba manje, kodwa uKhenyeza akakhathazekile

Izinto zibukeka sezithanda ukubhimba kwiGolden Arrows eyiqale kahle isizini, umqeqeshi, uMabhuti Khenyeza usehlonze lokho abona kuyikho okubakhiphe endleleni. 

NgeSonto, Abafana Bes’thende bahlulwe okwesine kulandelana. I-Arrows isihlulwe kathathu emidlalweni yeDStv Premiership nowodwa kwiCarling Knockout Cup.

Sibe side isikhathi ihlezi ngokukhululeka endaweni yesibili kwilogi ngemuva kweMamelodi Sundowns ebisesicongweni. 

Manje isendaweni yesine ngamaphuzu angu-20 ngemuva kwemidlalo engu-12.

UKhenyeza umile kwelokuthi amasosha akhe awakalehlisi izinga lokusebenza kwawo. 

Ukhala ngamaphutha amancane, athi aholele ekutheni badedele amagoli ezikhathini ezingafanele. 

“Uyabona ukuthi asihlulwa yimidlalo ngoba sidlala kahle kodwa kuba yiphutha elilodwa, bese sizithola sesijaha sesingemuva,” kusho uKhenyeza.

“Akufani, ngabe ngiyathuka ukuba asenzi kahle, asidlali noma asiwakhi amathuba. 

“Kodwa manje wukuthi sidedela amagoli ngendlela ewubuphukuphuku futhi kungazelelwe. 

“Ngemuva kwalokho konke kuyashintsha, kudingeke sijahe umdlalo.

“Abadlali baphelelwa yithemba bese sishintsha indlela yethu yomdlalo.”

Nokho, uKhenyeza uthi uyajabula ukuthi baqoqe amaphuzu amaningi kusenesikhathi futhi lokho kuyabasebenzela njengoba besadunguzela nje.

“Ngicabanga ukuthi kunzima kithina sonke kodwa siyazama, sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi siyakholwa futhi sihlale sinethemba,” kwengeza uKhenyeza.

“Ngicabanga ukuthi okwamanje okusisebenzelayo ngamaphuzu esiwaqoqe ekuqaleni kwesizini. Uyabona kwilogi, sihlala lapho sikhona.

“Kodwa futhi, silahle amaphuzu ayisishiyagalolunye, kufanele sibe ndawana thize.” 

UKhenyeza uzoba nesikhathi esabele sokulungisa amaphutha, azame ukubuyisela abadlali bakhe esimweni esifanele njengoba bezoze badlale ngoDisemba 9.