EzakamuvaIbhola

Ujabule uBroos, konke kuhamba kahle ekhempini yeBafana

Ujabule umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokuthi bafike bonke abadlali bakhe abazohlangana ekhempini eKapa.

Abadlali beBafana nezikhulu zeqembu bahlangane eGoli ngoLwesihlanu base bebhekisa amabombo eStellenbosch, eKapa.

Balungiselela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Ivory Coast kusukela ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11.

“Ngiyajabula ukuthi bonke abadlali bakhona kanti abathathu (uJaden Adams, u-Oswin Appollis noMihlali Mayambela) bazohlangana nathi eKapa, bese siphelela isikwati sethu,” kusho uBroos.

“Ngiyalethemba kakhulu iqembu lami. Umoya abefike benawo nokumamatheka abakukhombisayo kuyagqugquzela kakhulu.

“Lokhu kubukeka kuyisiqalo sento ezoba yimpumelelo. Nokho sinomsebenzi omkhulu osihlalele, akukho ukuthandabuza kulokho.”

Iqembu lizokuba seStellenbosch kusukela ngoJanuwari 5 kuze kube uJanuwari 9.

Lizobuyela emuva eGoli ngoJanuwari 10 ekuseni ukuyodlala umdlalo wobungani neLesotho eLucas Moripe Stadium, lapho kuzobe kungekho khona izibukeli.

Lizobe selibhekisa amabombo e-Abidjan, e-Ivory Coast, ngoJanuwari 11. 

Lizofike lihlale ekhempini eKorhogo ngoJanuwari 12 ngaphambi kokuqala komqhudelwani ngosuku olulandelayo.