EzakamuvaIbhola

ISpurs ayiyizwa eyokudedela abadlali ‘asebesayine’ kwiChiefs naMaZulu

SIHLE NGUBO

Kufufusa umsindo phakathi kweKaizer Chiefs neCape Town Spurs mayelana nabadlali ababili okuvela ukuthi sebethathwe yileli qembu laseNaturena.

IChiefs seyisayinise u-Asanele Velebayi noLuke Baartman beCape Town Spurs. Nokho kuthiwa leli qembu lithe lifuna babuye njengoba lizovula liziqeqeshela isizini entsha ye-ABC Motsepe League.

Kuyacaca abafuni ukubadedela laba badlali, nokho kuncane engabambelela ngakho iSpurs ngoba iqembu seligijima esigabeni sama-amesha.

Umthetho uthi abadlali abadlalela iqembu eligijima kwi-ABC Motsepe League, bahamba mahhala ukuya kwamanye amaqembu ngoba azikho izinkontileka ezisayinwayo kulesi sigaba.

Ngesizini edlule i-Urban Warriors yalile ukudayisela iChiefs uVelebayi isagijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Kuvele ukuthi Amakhosi abazimisele ngokukhipha u-R5 million ngoVelebayi, bese engeze ngabadlali abathile ukuthi basuke kuwona baye kwiSpurs.

Nokho leli qembu laseKapa belifuna u-R12 million ngomdlali nokugcine ngokuthi kungavunyelwana ngokuthi aye eNaturena.

Kwale ngisho sekungenelela unina kaVelebayi kodwa iSpurs yala yaphetha ukudedela umdlali.

Ukudliwa yizembe kweSpurs kuyayiphoqa ukuthi idedele abadlali abafunwa amanye amaqembu mahhala.

Omunye umdlali okuvela ukuthi iSpurs iyamphoqa ukuthi abuyele kuyona uLiam Bern okuvela ukuthi usesayine kuMaZulu FC.

Kuvela ukuthi iSpurs isabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho ngalaba badlali ngoba ithi akulandelwanga imigudu efanele ukubasayinisa.

ISpurs ikhiphe isitatimende lapho ichaza khona ukungenami ngowenzeke kubadlali bayo.

“Into esikhathazayo ukunakekeleka kwabadlali abasebancane abambakanyekayo kulokhu,” kusho isitatimende seSpurs.

“Laba abadlali ababukeka benekusasa, ngaphandle nje kwekhono labo enkundleni, basakhula futhi kungenzeka ukuthi abanawo amava okubhekana nalezi zinto zokusayiniswa kwabadlali.

“Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi kungenzeka bafakwe ehlathini noma baluthiwe ndlela thize ukuthatha isinqumo ezingaba nomthelela onomphumela othile ekusaseni labo.

“Sibazi kahle laba badlali ukuthi bangobani, njengoba sibakhulise emndenini weSpurs eminyakeni eyishumi.

“Sibabone bekhula besuka ekubeni abafanyana abancane baze baba abadlali abayibona namuhla.

“Lesi simo samanje sikholwa ukuthi asivezi ukuthi bangobani ngempela, futhi lokhu akuhambisani nhlobo nendlela esibakhulise ngayo.”