UNzama nemfihlo yokungahlupheki esewagaxe emgibeni amakhokho
UCyril “Sikhokho” Nzama ungomunye wabadlali ababa nenhlanhla yokuba ngokaputeni kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.
Le ngwazi eyayiyisitobha isiveze ukuthi yona ayihlupheki ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni, nokuthi iyiphi imfihlo yayo.
“Ngangihamba ngeCorolla isikhathi eside kakhulu ngoba nganginohlelo lwami,” kusho uNzama owake wayibamba kuMtata Bucks.
“Ngesikhathi bengibona ngingena emotweni babengibuza ukuthi yini ngangishayela imoto encane kanje.
“Yinto ababengayiqondi abalandeli. Kodwa kwakungangikhathazi nakancane mina.
“Babehlale bengitshela ukuthi ngiwungoqo kodwa ngangibatshela ukuthi ngiyazi ukuthi isetshenziswa kanjani imali.
“Ayikho into engiyithengayo ngaphandle kokuthi sihlale phansi sixoxisane.
“Uma udinga okuthile ngenani eliphansi, thatha mina ngizohamba ngiyokukhulumela.”
Abadlali abaningi bazithola bengasenamali ngemuva kokuyeka ibhola.
Muva nje kusanda kubikwa ngosizi lukaLerato Chabangu, owayedlalela iMamelodi Sundowns neMoroka Swallows, ongasenalutho.
UNzama uyisibonelo esihle kakhulu kubadlali bebhola bakuleli.
FUNDA NALA:Â Ubuyelile uKhune kweleCarling All Stars
Mhlawumbe kungakuhle ukuthi abe nendlela yokuzama ukusiza labo abasadlala ibhola, ngezeluleko.