Kukhona okusina kujeqeza uDolly kwiChiefs
SIHLE NGUBO
UKeagan Dolly, weKaizer Chiefs, ulengela ogibeni okugaxele kulona uKhama Billiat okumanje usathungatha iqembu elisha.
UBilliat ungomunye wabadlali abebehola kakhulu kwiChiefs kodwa ngesizini edlule ubehlushwa kakhulu ukulimala.
Lokhu kuholele ekutheni kuthi uma iphela isizini edlule iChiefs yehlise iholo lakhe ngesikhathi imnika inkontileka entsha.
Beyiphoqeka ukwenza lokhu ngoba uBilliat ubehola kakhulu kodwa isikhathi sokuba senkundleni sisincane ngenxa yokulimala njalo.
Nokho kuyacaca ukuthi akubanga khona ukuvumelana kulokho njengoba uBilliat evele wanyamalala eNaturena, kwangaziwa nokuthi ukuphi.Â
Useke wamatinswa namaqembu ehlukene kusukela ngo-Agasti nyakenye kodwa alikho agcine esayine kulona.
Isimo sikaKeagan Dolly sibukeka siya ngalapho. Lo mdlali uyena ohola kakhulu kwiChiefs kodwa muva nje uhlaselwe ukulimala.
UKeagan Dolly ufike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma futhi ngesizini yakhe yokuqala wenze kahle eshaya amagoli ayisikhombisa wasiza ukwakha namanye.
Nokho isizini edlule ibe ngehlukile yize ekwazile ukushaya amagoli amahlanu. Iphele eselimele futhi kuthe kuqala le esikuyona ubengakalulami.
Nokho ubuye wabonakala emidlalweni embalwa kodwa kuvele ukuthi ubuye wathinteka futhi ejimini.
Konke lokhu kumele ukuthi kubafaka ingcindezi abaphathi beChiefs njengoba lo mdlali ehola itshe lemali eqenjini kodwa akadlali.
Mhlawumbe into engathenjwa uDolly neChiefs ukuthi uzolulama ngokuphelele, njengoba imidlalo yeDStv Premiership isamile ngenxa ye-Africa Cup of Nations ese-Ivory Coast.
FUNDA NALA:Â IMali ingayikhinyabeza iBafana kwi-Afcon
Imidlalo yeligi iyoze ibuye ngoFebhuwari 14 sekuphele yona i-Afcon.

