EzakamuvaIbhola

UDavid Radebe ukhala ngesivinini eseqile kuDu Preez weChiefs

UDavid “Mkhumbi kaNowa” Radebe, owayedlalela iKaizer Chiefs, ugxeka abadlali baMakhosi ngokungalekelelani no-Ashley Du Preez ngokwanele, uma ephethe ibhola.

U-Ashley Du Preez usagxekwa namanje ngokuhlulela ukushaya igoli esebhekene nonozinti kuphela, ngesikhathi bebhekene neRoyal AM koweDStv Premiership ngempelasonto.

Akhona namanye amathuba awayekile lo mgadli weChiefs, nokuholele ekutheni umdlalo uphele ngo 0-0.

“Angizange ngijabule ngendlela lonke iqembu (iChiefs) elidlale ngayo ngeSonto,” kusho uDavid Radebe kwiKickoff.

“Nokho ngiyaqonda ukuthi lezi zinto ziyenzeka uma amaqembu ephuma ekhefini elide.

“Umdlalo wangeSonto bekufanele bawuwine. Emidlalweni efana nalo amaphuzu amathathu kumele atholakale nakanjani.

“Uma uhlulwa ukuqoqa amaphuzu amathathu emaqenjini anjalo (amaqembu asamisiwe ukusayinisa abadlali), usuke uzoshaya liphi iqembu?

“Yebo uDu Preez bekumele alishaye igoli ngeSonto kodwa ngeke kugxekwe yena yedwa.”

Yize uDavid Radebe ethi akumele kukhonjwe uDu Preez ngenjumbane ngokuhluleka ukuqoqa amaphuzu, unakho ukumsola. 

“Inkinga ukuthi ushesha ukwedlula ngisho abadlali adlala nabo eqenjini,” kuchaza uRadebe. 

“Ubeshiya bonke ozakwabo ngemuva, ngakho ubengasekho umuntu abezomphashela ibhola.

“Ube esethatha isinqumo sokwenza lokhu okufike kuqala emqondweni wakhe.”

Amakhosi azokwamukela iMilford FC emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

Mhlawumbe leli yithuba elikahle lokuthi abadlali abafana noDu Preez babuyise ukuzethemba, njengoba bezobe bedlala neqembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Nokho kuyaziwa ukuthi kwiNedbank Cup kwenzeka noma yini, ngakho iChiefs kumele izibambe ziqine.