IMali ingayikhinyabeza iBafana kwi-Afcon
SIHLE NGUBO
Umyalezo usobala okwempahla yembuzi. IMali iyingozi futhi iBafana Bafana kuzomele izibambe ziqine uma isibhekene nayo emdlalweni wayo wokuqala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).Â
IMali ithumele umyalezo oqinile emaqenjini ezobhekana nawo kuGroup E ngesikhathi ibhaxabula iGuinea Bassau ngo 6-2 kowokulungiselela i-Afcon ngempelasonto.
Amanye amaqembu akhona kuGroup E yiNamibia neTunisia – nawo ayingozi ngokwawo.
Leli lizwe yilona elizovivinya iBafana kuqala njengoba bezotholana phezulu emdlalweni we-Afcon kaGroup E ngoJanuwari 16.
Yilapho kuzocaca khona ukuthi indlela yeBafana ibheke kuphi nokuthi kuhlale kubalulekile ukwenza kahle emdlalweni wokuqala.
Ngasohlangothini lweGuinea Bassau iseqoqweni elilodwa neNigeria emidlalweni ye-Afcon.
La maqembu asehlangane kayisishiyagalombili kodwa iBassau ayikaze iwine nowodwa umdlalo.
INigeria seyiwine imidlalo emihlanu kwathi emithathu bayidlala ngokulingana. Nokho imidlalo yobungani ayichazi okuzofike kwenzeke kwi-Afcon ngoba isimo sisuke sesihluke kakhulu.
IBafana izodlala umdlalo wobungani neLesotho eLucas Moripe Stadium ngoLwesibili. Nokho kulo mdlalo abalandeli nabezindaba bazobe bengavunyelwe.
Imidlalo ye-Afcon izoqala ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11.
FUNDA NALA: UNgezana uphawula ngokushelwa kwakhe elaseFrance
I-Caf ikhuphule imali ngo-40% nokwenza ukuthi kulindeleke ibhola elihle e-Ivory Coast.

