U-Ofori uya kwi-Afcon, kusale abavimba njalo kwiBucs
SIHLE NGUBO
URichard Ofori we-Orlando Pirates uzokuba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 nezwe lakhe iGhana e-Ivory Coast kusukela ngoJanuwari 13.
Lo nozinti weBucs akakaze adlale nowodwa umdlalo weDStv Premiership noma womkhumulajezi kule sizini.
Ezintini zePirates bekulokhu kushintshana uSipho Chaine noMelusi Buthelezi, okunguyena othola isikimu kulezi zinsuku.
Nokho bobabili laba badlali abalubhadi kwi-Afcon kodwa u-Ofori yena uzobe ekhona.
UButhelezi ubekhona eqenjini lesizwe ebelimenyezelwe uHugo Broos ngaphambi kokuthi aqoke abangu-23 abaya e-Ivory Coast.
Nokho yena noBruce Bvuma weKaizer Chiefs, abalibonanga elidlalayo kuRonwin Williams (ukaputeni), uRicardo Goss noVeli Mothwa, okuyibona onozinti abaya kwi-Afcon.
UButhelezi useke wagxekwa kakhulu ngokudedela amagoli ayisithupha emidlalweni emibili yeligi.
Bekuvimbe yena iPirates ishaywa yiSuperSport United ngo 3-1, yaphinde yabhaxabulwa yiStellenbosch FC ngo 3-2, imidlalo ilandelana.
Cishe yikho lokhu kwehlelwa yifomu okweze uBroos waqoka ukumshiya uma esethatha onozinti aya abo e-Ivory Coast.
Iqembu lesizwe laseGhana lizobe liholwa ngukaputeni u-Andre Ayew kanti nomnewabo uJordan Ayew uzobe ekhona.
FUNDA NALA: Kukhona okusina kujeqeza uDolly kwiChiefs
IBlack Stars ingelinye lamaqembu okulindeleke ukuthi enze kahle kwi-Afcon ka-2023 ngenxa yokuqina kwesikwati sayo.

