EzakamuvaiCarling Knockout Cup

Ahambe kanje amavoti abaqeqeshi kwiCarling Cup

UJose Riveiro nguyena mqeqeshi othandwa kakhulu ebholeni lakuleli njengamanje.

Lokhu kuvezwe yizibalo zamavoti okukhetha umqeqeshi obezocija iqembu leCarling All Stars emdlalweni obungempelasonto edlule. 

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates odabuka eSpain uhambe phambili ngamavoti futhi nguye obeqeqesha i-All Stars. 

Idlale nompetha beCarling Knockout Cup, iStellenbosch FC emdlalweni weCarling Black Label Cup ngempelasonto. 

EzikaJose Riveiro ziwunqobile lo mdlalo ngo 2-1 wamagoli oMfundo Vilakazi no-Ashley Du Preez beKaizer Chiefs. 

Ngokwezibalo uRiveiro uhambe phambili ngamavoti acela enkulungwaneni (1 000), walandelwa nguRulani Mokwena weMamelodi Sundowns.

UMokwena ubevele yena esacela kudala ukuthi ahoxe kulo mqhudelwano ngoba ekhala ngesikhathi sokuphumula njengoba ibhola lamaligi lisamile. 

Noma kunjalo, uMokwena uthole amavoti angaphezu kuka-4  000. Nokho kumele kuqashelwe ukuthi oweKaizer Chiefs ubengekho.

Lokhu kungenxa yokuthi uCavin Johnson akayena umqeqeshi ngokugcwele njengoba esabambile. 

Ahambe kanje amavoti: 

  1. Jose Riveiro (Orlando Pirates) 5581 votes
  2. Rulani Mokwena (Mamelodi Sundowns) 4652 votes
  3. Steven Barker (Stellenbosch) 4203 votes
  4. Sead Ramovic (TS Galaxy) 2312 votes
  5. Steve Komphela (Moroka Swallows) 1976 votes
  6. Mabhuti Khenyeza (Golden Arrows) 1851 votes
  7. Gavin Hunt (SuperSport United) 1638 votes
  8. Pablo Franco (AmaZulu) 1339 votes
  9. Kaitano Tembo (Richard Bay) 1082
  10. Eric Tinkler (Cape Town City) 1042 votes
  11. John Maduka (Royal AM) 885 votes
  12. Morgan Mammila (Chippa United) 615 votes