Ezakamuva

Unesifiso sokudlalela iChiefs oweThinas yaseNgwelezane

SIHLE NGUBO

Ufisa ukudlala kwiKaizer Chiefs umdlali osemncane uLwazi Saraji oqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kwiNtokozo Myeni Under 15 Tournament eNgwelezane ngempelasonto.

Lo mdlali, oneminyaka engu-13, udlalela iThinas okuyiyona enqobe ngo 2-0 kwiBarcelona kowamanqamu weNtokozo Myeni Tournament.

Le midlalo yaminyaka yonke ibe yimpumelelo njengoba ompetha bethole indebe, izindondo, amabhola nejezi.

“Ibhola yinto engiyithandayo. Ngiyafisa ukuthi uma sengimdala ngiyodlalela amaqembu amakhulu,” kusho uSaraji.

“Iqembu engilithandayo yiKaizer Chiefs. Ngingajabula kakhulu ukuthi ngiyidlalele ngelinye ilanga.

“Ekhaya abazali bangeseka kakhulu ukuthi ngidlale ibhola. Uma siyodlala eThekwini kuyenzeka beze bazongibuka.”

Umqeqeshi nomphathi weThinas, uNjabulo Nhleyane, akawuvali umlomo ngoSaraji.

“Uma ukhuluma ngoSaraji umdlali onekhono kakhulu,” kusho uNhleyane.

“Useke wamenywa AmaZulu FC neHighlanders ukuthi bazomhlola ikhono.

“Mina njengomqeqeshi ngiyakwenza okwami ukuthi ngimphendlele kodwa ngeke ngenze lutho uma abazali bangafuni ukumdedela, bethi usemncane.”

Mayelana nokunqoba umqhudelwano uthe wesese kakhulu.

“Bese kuyisikhathi eside sizama singaphumeleli. Ngokwedlule siphume kweyandulela owamanqamu.

“Ngiyajabula kakhulu ukuthi sinqobile. Ngingasho ngokungananazi ukuthi abazali balaba bafana bayangeseka kakhulu.

“Njengoba ubona le bheji (yeThinas) inencwadi, okuchaza ukuthi ibhola nokufunda kuyahambisana.”