EzakamuvaIbhola

Ukhona nje ozophakamisa isandla abe yiqhawe leBafana kwi-Afcon?

Njengoba kuzoqala imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, kwiBafana Bafana kubhekwe abadlali abathile ukuthi bayishayele amagoli.

Phambilini iqembu lesizwe lakuleli belinabo abadlali abebefike baphakamise isandla, baqhulule amagoli kwi-Afcon.

Ngo-1998 uBenni McCarthy waba ngumdlali wokuqala (nowokugcina) ukushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa we-Afcon. 

Ngalowo nyaka uMcCarthy wagcina ehlohle amagoli ayisikhombisa, kwaba wukuzethula kwakhe kubalandeli bakuleli.

UBenni ulandelwa uShaun Bartlett oseke wabeka phakathi ayisithupha kwi-Afcon. 

Endaweni yesithathu kukhona uSiyabonga “Bhele” Nomvete oshaye amahlanu.

UJohn “Shoes” Moshoeu noMark Williams sebeke bashaya amane umdlali emunye kuyona i-Afcon.

Kusukela ngo-2004 akekho umdlali oseshaye amagoli adlula kwamane kulo mqhudelwano. 

Lokhu kuchaza ukuthi sekuphele iminyaka engu-20 yonke kwagcina ukuba nomdlali weBafana ovelelayo ngamagoli.

Amathemba eNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngokushaya amagoli, alele kuPercy Tau, Evidence Makgopa, Zakhele Lepasa noTegoho Mokoena.

Kuzocaca uma sekuqhubeka umqhudelwano ukuthi ubani ongeke alishalazele ipali kubadlali abaqokwe uHugo Broos.