EzakamuvaiGladAfrica Championship

Sekusele kancane uShaun Bartlett afake iSpurs kwelesithembiso

By Sihle Ngubo

UShaun Bartlett, oqeqesha iCape Town Spurs, usehlukaniswe yimizuzu engu-180 kuphela nokufeza iphupho lokwenyusela iqembu lakhe kwiDStv Premiership.

ISpurs ishaye iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni wokuhlunga  ngoMgqibelo e-Athlone Stadium. 

Lokhu kwenze ukuthi iqembu likaShaun Bartlett liqhwakele ngamaphuzu ayisithupha kwilogi ngemuva kwemidlalo emibili yokuhlunga. Alikalidedeli igoli kule midlalo.

UBartlett nezakhe kubaphunyukwe ukuba ngompetha bale ligi ngosuku lokugcina lwemidlalo yeMotsepe Foundation Championship. 

Kugcine kuyiPolokwane City edle umhlanganiso kodwa womabili amaqembu aqede enamaphuzu angu-57, ehlukaniswe amagoli.

Manje uShaun Bartlett usezibeke kwelihle ithuba lokwesula izinyembezi ezehle ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni wokugcina okwakumele bawuwine ukuze babe ompetha bale ligi encane. 

ITeam of Choice ibiye emdlalweni iyizimfivilithi kodwa yavumela ezikaBartlett ukuthi zishaye igoli ngomzuzu ka-16 nelize noMichael Morton.

Ukuwina kweSpurs umdlalo olandelayo ezowudlala neCasric Stars e-Athlone Stadium, ngoLwesithathu, kuzofaka enkulu ingcindezi kwiTeam of Choice. 

ISpurs ivele isike yayishaya iStars ngo 1-0 emdlalweni wokuhlunga wokuqala. Nakanjani ukushaya iStars ngoLwesithathu kuzokwenza ukuthi lo mqeqeshi akholwe wukuthi uzobe eqeqesha kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Ngasohlangothini lweMaritzburg sekumele iwine umdlalo ezowudlala neStars ekuhambeni bese izibambele iSpurs ekhaya eHarry Gwala Stadium emdlalweni wokugcina. 

Nokho ibonile ukuthi ayihleki iSpurs futhi ikulambele ukunyukela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Njengamanje umbango uphakathi kwayo iSpurs neTeam of Choice futhi akungabazeki ukuthi uyoshuba umdlalo wala maqembu wesibili. 

Ikakhulukazi uma ewine womabili kwiStars ebukeka inikela ngamaphuzu kule midlalo yokuhlunga. 

FUNDA NALA: UPitso Mosimane uphendule eyabalandeli abamfisa kwiChiefs

EzikaShaun Bartlett seziwufakile umlenze owodwa kwiPremiership, kanti iTeam of Choice sekumele yethembe ukuthi iStars izowina noma idlale ngokulingana neSpurs ngoLwesithathu e-Athlone Stadium.