U-Edmilson Dove uphawula ngephenathi elimaze iMozambique
Akafunanga ukugxila kakhulu kwiphenathi ebalahlekisele amaphuzu agcwele umdlali weMozambique neKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove.
Lo mdlali wasemuva ungomunye wabadlale kahle ngesikhathi iMozambique idlala umdlalo wayo wokuqala kwiCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngeSonto.
U-Edmilson Dove uthe bebevele belindele umdlalo onzima, futhi weneme ngokuthi bakwazile ukuhlenga iphuzu kulo mdlalo abebengabhekiwe kuwo.
Ngokwamazinga lamaqembu akuwo, bekulindeleke ukuthi i-Egypt – ehlome ngezihlabani ezaziwa umhlaba wonke – izidlulele kalula.
Nokho igobekile, yakhishwa inkani njengoba igcine seyibuya kade seyilandela ngemuva zibambana ngo 2-2.
“Besazi ukuthi umdlalo ngeke ube lula. Asiqalanga kahle esiwombeni sokuqala,” kuchaza u-Edmilson Dove.
“Sisheshe sangenelwa yigoli umdlalo usanda kuqala. Kodwa siqhubekile nokulwa, sikholelwa ekutheni singabuya, nebala kwenzeka.
“Akulula neze ukudlala ne-Egypt kodwa ngicabanga ukuthi ukuthembana esinakho nokukholelwa kumacebo omqeqeshi – kusisebenzelile.”
IMozambique ibisibhekwe ukuthi ibe yiqembu lokuqala eligila izimanga ngokushaya labo mpetha bakudala be-Afcon.
Ihambe phambili kusuka ekuqaleni kwesiwombe sokuqala, kodwa kuthe sekusesikhathini esengeziwe, i-Egypt yathola iphenathi.
Kusukume uMo Salah wayinameka enethini, kwasala kukhalwa ngokuthi zibanjelwe ezikaFaro.
“Ngeshwa asikwazanga ukuphuma namaphuzu agcwele, kodwa siyalamukela naleli elilodwa bese silungiselela umdlalo olandelayo.”
Ngephenathi, u-Edmilson Dove uthe yizinto zakhona ebheloeni futhi ngeke alokhu ezixaka ngayo.
“Lezi zinto zivele ziyenzeka ebholeni futhi usuke unomzuzwana nje ukuthi wenz eisinqumo.
“Angiyibonanga kahle kodwa ngikholwa wukuthi unompempe uyibhekisisile (kwiVAR) wabona kufanele kube yiyo.
“Thina okwethu ukuthi siqhubeke nokusebenza, sethembe ukuthi sizophuma nomphumela ofanele emdlalweni olandelayo.
IMozambique izobhekana neCape Verde emdlalweni olandelayo ngoLwesihlanu.
FUNDA NALA: UBroos ukhala ‘ngozenza uNkulunkulu’ webhola kuleli
Kuzomele izibambe ziqine ke ngoba leli lizwe limangaze abaningi liqumba phansi iGhana ngo 2-1 emdlalweni wokuqala ngeSonto kusihlwa.

