Ezakamuvai-Currie Cup

ISharks XV izobhekana nomqansa kwiGriquas koweCurrie Cup

SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Sharks XV izophinde iyodlala ekuhambeni okwesine nokokugcina njengoba izotholana phezulu neSuzuki Griquas, eSuzuki Stadium, eKimberly, ngoLwesihlanu ngo-5.05 ntambama.

Leli qembu laseThekwini lisebenzise cisho bonke abadlali balo ngoMgqibelo nangoLwesibili, njengoba belibhekene neBoland Sanlam Cavaliers neqembu lesizwe laseNew Zealand.

Umqeqeshi uMike Vowles kudingeke abahlele kahle abadlali bakhe njengoba abanye abadlale kwiCarling Currie Cup beshaya iKavaliers, bephinde badlala emdlalweni weRugby’s Greatest Rivalry ne-All Blacks.

ISharks XV ishaye iKavaliers ngo 19-12 koweCurrie Cup, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo odlule.

NgoLwesibili iSharks ifundiswe isifundo samahhala yiNew Zealand eyibhuquzise ngo 54-0, eKings Park Stadium Stadium, eThekwini.

“Sizophinde siyodlala ekuhambeni ngoLwesihlanu ntambama, ngakho kuyashesha konke kithina futhi kuningi okwenzekayo kuleli sonto,” kusho uVowles.

“Sizozilungiselela kahle sifake imizimba embalwa emanzini abandayo, bese siye eKimberly sikulungele ukuyolwa imizuzu egcwele engu-80.”

IGriquas iyona ezihola phambili kwilogi yeCurrie Cup njengoba isayinqobe yonke imidlalo emine eyidlalile kulo mqhudelwano.

Ngasohlangothini lweSharks izithola esendaweni yesikhombisa ngemuva kokunqoba imidlalo emibili kwemine esiyidlalile.

Nakanjani kuzoba umdlalo onzima lo eqenjini likaVowles eKimberly.

I-Hollywoodbets Sharks XV ibophele kanje:

1. Jaco du Toit

2. Liam van Wyk

3. Lee-Marvin Mazibuko

4. Johan Momsen

5. Meno Barnard

6. Tino Mavesere

7. Wasi Vyambwera

8. Hanu Pieterse

9. Ross Braude (ukaputeni)

10. Tim Swiel

11. Khuthi Rasivhaga

12. Albie Bester

13. Lyle Matthews

14. Christie Grobbelaar

15. Luan Giliomee

Ebhentshini:

16. Jacques Marais

17. Phiwayinkosi “Rambo” Kubheka

18. Simphiwe Ngobese

19. Danio Botha

20. Sphephelo Mbonambi

21. Juan Loots

22. Janco Purchase

23. Chijindu Okonta