EzakamuvaIbhola

Isuka kude le yeSundowns nokuthenga abadlali ingabadingi

IMamelodi Sundowns seyike yagxekwa ngabalandeli abathile ngokuthi ithenga abadlali noma ingabadingi ngoba yesaba ukuqhudelana namanye amaqembu eDStv Premiership.

Leli qembu laseChloorkop liyaziwa ukuthi uma selithe lifuna umdlali nakanjani lizomthola ngoba linemali eningi. 

Amanye amaqembu asevele ayeke ukuncintisana neDowns ngokusayinisa abadlali, ngoba ahlale ekhala ngaphansi.

Uma bezivikela abalandela iSundowns, bathi akekho okhonjwa ngevolovolo ukuthi aye kuyona.

Bathi ukulandela ibhodwe eliconsayo kwabadlali baseNingizimu Afrika, yikona okubenza bazithole beseChloorkop.

Baphinde bathi iSundowns idlala imidlalo eminingi nokumbandakanya eyeCaf Champions League. Ngenxa yalokho idinga isikwati esikhulu.

UJeremy Brockie ungomunye wabadlali abalandwa yiSundowns kwiSuperSport United, kumasizini edlule. 

Lo mgadli waseNew Zealand wayengalibheki ipali ngaleso sikhathi.

Nokho kwafike kwangahamba kahle kwiSundowns, uBrockie wazithola ebuka ibhola nezihlwele abanye abadlali besensini.

Lo mdlali useke wacashunwa ethi wayengeneme kwiSundowns, futhi ezwakala enokuzisola ngesinqumo sokuya kuyona.

“Angizange ngithande laphaya (kwiSundowns). Ngesinye isikhathi babethi ngilimele ngibe ngiphile ngiwumqemane,” kusho uBrockie.

“Ngelinye ilanga nganquma ukuthi ngisukume ngizilwele, ngabatshela ukuthi ngangingalimele. Ngemuva kwalokho ngabolekiswa.”

Labo abagxeka iMamelodi Sundowns ‘ngokuwola abadlali noma ingabadingi’ babona lokhu kulibulala ibhola laseNingizimu Afrika. 

Bathi kunokhilimu wabadlali oduva eChloorkop, ungadlali, engabe ugijima kwamanye amaqembu. 

Lokhu kuke kwashiwo nawuJabu Mahlangu, owake wadlalela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Kubadlali abalandwe yiSundowns kodwa kwafike kwangahamba kahle eChloorkop, singabala uGeorge Lebese, uGeorge Maluleka, u-Oupa Manyisa, uKermit Erasmus), uGift Motupa, uKwanda Mngonyama no-Aubrey Ngoma.

Njengamanje uJunior Mendieta kubukeka sengathi uzophelelwa yindawo kwiSundowns. 

Abafana Ba’Style basanda kusayinisa umdlali wase-Argentina, odlala indawo kaMendieta, ngemali enkulu.

Ngaphandle kwalokho iSundowns ivele inabadlali bangaphandle abahlanu, nokuchaza ukuthi kukhona okumele adede indawo.

Lokhu kuyaquqinisa umuzwa wokuthi iMamelodi Sundowns inomhobholo, ithenga abadlali ngoba ifuna ukuxegisa amanye amaqembu.