Umunyu uLucas Ribeiro evalelisa kwiDowns nabalandeli bakhe
SIHLE NGUBO
Umdlali waseBrazil, uLucas Ribeiro Costa, awekho amathuba okuthi aphinde abonakale egqoke imibala yompetha beligi, iMamelodi Sundowns.
Lo mdlali ibhekene nqeziqu zamehlo naleli qembu laseChloorkop kodwa usezwakalise kaningi ukuthi akasafuni ukudlala kulona.
Uqale wafaka incwadi yokwesula eqenjini yize esenenkontileka ephela ngo-2028.
Kuthe uma kuvela ukuthi iSundowns ishaya phansi ngonyawo ukumdedela, wabe esedlulisela udaba kwiFifa Tribunal.
Akucaci ukuthi kugcine kwenzekani ngemuva kwalokho kodwa ezakamuva zithi uRibeiro, obe yiFootballer of the Year ngesizini edlule, uvalelisile ngokusemthethweni kubalandeli beSundowns.
“Kusukela ngosuku lokuqala ngifika, ngazinikela ngakho konke enkundleni nangaphandle kwayo ukuthola indawo yami nokulwela iMamelodi Sundowns,” kusho uRibeiro esitatimendeni.
“Le minyaka emibili edlule ibimnandi, igcwele imizwa yenjabulo. Ngifunde lukhulu kulolu siko, hhayi kuphela ukuba umdlali ongcono kodwa ukuba umuntu ongcono.
“Kubalandeli bami abamangalisayo baMasandawana, okokuqala, ngibonga kakhulu.
“Ngifuna nazi ukuthi ukungeseka kwenu nothando bekusho lukhulu kimina, futhi angisoze nginikhohlwe.
“Ngiyohlezi ngibeke enhliziyweni yami imicabango yakho konke engikwenzile, amagoli, izindebe nobusuku obumnandi nani obekungenza ngizizwe ngisekhaya.”
“Ngifisa ukuba ngivalelise ngaphansi kwesimo esingcono, kodwa ngiyacela nazi ukuthi uthando enginalo lwenu alupheli…
“Kozakwethu, umndeni wami wesibili, ngiyabonga ngakho konke ukulwa, zonke izindebe esizinqobile, ukumamatheka, nayo yonke imizuzu esiyijabulele ndawonye.
“Niyohlale ningabafowethu futhi ngizonikhumbula kakhulu. Ukudlalela iSundowns nokuphila kulolu siko oluhle kangaka, kube yinto enkulu kimina.
“Ngizokukhumbula nakanjani. Ngiyabonga Ningizimu Afrika. Ngiyabonga Mamelodi Sundowns ngakho konke. Ngothando Ribeiro #10.”
Kuvela ukuthi kukhona iqembu laseSpain, elidlala esigabeni sesibili, elingase lisayinise uRibeiro ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Phambilini uke wamataniswa neSC Qatar obekuthiwa ibizimesele ngokukhipha u-R60 million ngalo mdlali ohlohle amagoli amaningi kwiBetway Premiership ngesizini edlule.
Kukhona konke lokhu iSundowns ithule du, ayikaze icacise ukuthi luphelela kuphi udaba lukaRibeiro.

