Mammila: Owethu neDowns mkhulu kunedabhi yaseSoweto
Sbongs Gumbi
Uma kungabalwa abantu abakwaziyo ukususa izinkulumo kuleli, uMorgan Mammila weChippa United kungamele abe phezulu ohlwini.
Kusukela ebuyile kwiChippa, uMorgan Mammila akayisweli into azoqala ngayo izinkulumo-mpikiswano ebholeni lakuleli.
Efika kuleli qembu, asephinda isibili kulo, wathi ngeke esaxoshwa futhi uzoba ngumqeqeshi wokuqala ukuyiqala aze ayiqede isizini kwiChippa.
Uvule iDStv Premiership neKaizer Chiefs, wakubeka kwacaca ukuthi akayisabi nhlobo. Nebala wayibamba ngo 0-0 eMoses Mabhida Stadium.
Uthe ekhalelwa ngengozi abhekene nayo ezodlala ne-Orlando Pirates ebiwavuthulula amagoli, wathi yena akayisabi nhlobo futhi ngeke apake ibhasi, kodwa uzoyihlasela.
Nebala ukwenzile lokho futhi wakwazi ukuyibamba ngo 1-1 kade seyike yahamba phambili emdlalweni obuseNelson Mandela Bay Stadium phakathi neviki.
UMorgan Mammila ubuyela kuyo le nkundla ngoMgqibelo kusihlwa la ezogadulisana khona neMamelodi Sundowns.
Ukusho akangasaba ke ukuthi iSundowns ingabuyela ePitoli umsila uphakathi kwemilenze uma ingambhayizela.
Ngaphezu kwalokho, uMorgan Mammila uthi lo mdlalo wabo mkhulu ukwedlula owomkhaya baseSoweto, iPirates neChiefs.
“Ngizokhuluma iqiniso nje ngokungesabi. Lo mdlalo (weChippa neSundowns) uzoba mkhulu kunedabhi (yaseSoweto) futhi uzoba mkhulu kunalo wakamuva weSundowns neChiefs,” usho kanje kwabePower FM ngoLwesihlanu kusihlwa.
Uthe okwenza asho kanje wukuthi wonke amehlo azobe ethe njo kuwo. Futhi abalandeli bawo wonke lawa amanye amaqembu bazobe bebuka benesifiso sokuthi iChippa iyishaye iSundowns.
FUNDA NALA:Â Isiqalile iyagqilaza induku kuShaun Bartlett okhala ngabadlali
Njengoba belungalindeleka, le nkulumo ibaxhilile abanye, abanye yabakitaza – kwavela imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana ngayo.
Umdlalo wezakhe neSundowns ungoMgqibelo ngo-8 kusihlwa eNelson Mandela Bay Stadium.