Usuhlome ngabodumo kwiPSL Umsinga United
ALFRED NGUBANE
Uveze obala izinhloso zokunqoba kwi-ABC Motsepe League Umsinga United njengoba sewuqinise iqembu ngabadlali abenesipiliyoni sePSL.
Leli qembu lingene alangasaba emakethe njengoba luphume nabadlali abane abazakhela amagama emaqenjini ehlukene kwiDStv Premiership.
Kubadlali abasayine kuMabhubesi ngoThami Sangweni, uDj Hlongwne, uSiphesihle Ngcobo noKnowledge Myeni.
USangweni nguye owaziwa kakhulu kulaba badlali njengoba ake wadlala kuMaZulu FC, i-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns, iChippa United neMaritzburg United.
OHlongwane, Siphesihle Ngcobo noMyeni bona baphuma kwiGolden Arrows.
Ekhuluma neMpempe, usihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza uveze inhloso yakhe ngokuletha laba badlali eqenjini.
Umsinga United uchaze abaningi ngendlela odlale ngayo kweyokuhlunga ngesizini edlule yize wagcina uhlulekile.
Kunabadlali abaningi ababe sebethathwa amaqembu amakhulu – ababili baya kwiRichards Bay FC edlala kwiPremiership.
“Ngisayine laba badlali ngoba ngifuna ukulwela ukuphinde ngiyodlala emidlalweni yokuhlunga kwi-ABC Motsepe League.
“Inhloso esinayo singabantu baseMsinga ukungena kwiMotsepe Foundation Championship,” kusho uMpanza.
FUNDA NALA: U-Aubrey Modiba uveza iseluleko asithola koweMali
Amabhubesi azotholana phezulu neDrakenseberg FC emdlalweni we-ABC Motsepe League ngoMgqibelo eKandahar Stadium. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama.

