EzakamuvaiDStv Premiership

Ayikho le nkukhu ehujwa iChiefs, awachithwe amanzi

IKaizer Chiefs ilengela ehlazweni lokuthi iyizwe ngendaba iMTN8 ngesizini ezayo, okuyindebe edlalwa amaqembu aqeda kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership.

Lokhu kungemuva kokuthi leli qembu lishaywe yiChippa United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership, eBuffalo City Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Njengamanje iChiefs iyibambe endaweni yesishiyagalombili kwilogi kodwa ingagudluzeka uma imiphumela ingayivuni kuyona le mpelasonto.

Inamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-30, kanti iLamontville Golden Arrows iyalingana nayo ngamaphuzu ngaphambi komdlalo ne-Orlando Pirates.

Abalandeli beChiefs bebenethemba lokuthi iqembu labo lizowina lo mdlalo ukuhlonipha uLuke Fleurs, odutshulwe phakathi nesonto. Nokho lihlulekile ukwenza lokho.

IChiefs iwuqale kahle umdlalo kubukeka sengathi iyona ebizoshaya igoli kuqala.

Nokho zishintshile izinto ngomzuzu ka-21 u-Eva Nga engqofela phakathi igoli leChilli Boyz.

Ngemuva kwalokho umgqigqo waMakhosi wehlile, abukeka eyinhlakanhlaka emuva.

Akumangazanga ngesikhathi uSinenoxolo Kwayiba eshaya intuthu yegoli ngomzuzu ka-32, kwacaca ukuthi akuhlangani kwiChiefs.

Ukushaywa kweChiefs bese kungokwesibili kulandelana. Phakathi nesonto ikhale ngaphansi kwiStellenbosch FC ngo 1-0 eFNB Stadium.

Konke lokhu kufaka enkulu ingcindezi kuleli qembu futhi kwenza ibe sengozini yokuqeda isizini ngaphandle kweTop 8.

Ngasohlangothini lweChippa ibukeka iphephile ezembeni futhi inalo ithuba lokugulukudela kwiTop 8 ekupheleni kwesizini.

Kulo mdlalo kugqame unozinti weChilli Boys uDarren Johnson, obeqala ukudlala.

Komunye umdlalo weDStv Premiership iRichards Bay FC ishaye iMoroka Swallows ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium. 

Lokhu kwenze iBay yavula igebe lamaphuzu amahlanu phakathi kwayo neCape Town Spurs, eyibambe emsileni.

USomila Nsundwana uyena oshaye igoli eliweze iNatal Rich Boyz ngelibanzi.