IPirates ixoshe umdlali osayine ekuqaleni kwesizini
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates seyikhethe ukumphindisa lapho eyayimthathe khona umdlali wayo obelizwa ngendaba ijezi selokhu efike ekuqaleni kwesizini.
EZimnyama zimlande kwiChippa United uSinoxolo Kwayiba sezikhethe ukumbuyisela kuleli qembu laseGqeberha.
UKwayiba udlale imidlalo emine kuphela kwiPirates kodwa wehluleka ukuyenza eyakhe indawo kuleli qembu.
Ngaphambi kokujoyina iPirates ubedlala kahle kwiChilli Boys ngesizini edlule, waze wabizwa kwiBafana Bafana.
Nokho ukungadlali kwiPirates kwenze ukuthi asale eqenjini lesizwe ebeliyibambe kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco.
NgoMsombuluko iPirates iphinde yamemezela ukuthi seyisayinise u-Andre de Jong obedlala kwiStellenbosch FC.
Lo mdlali, odabuka eNew Zealand, ungomunye walabo abebeshaya into ecokeme kwiStellies.
IPirates kusalindeleke ukuthi idedele abanye abadlali osekunesikhathi eside bagcina ukudlala.
Kulabo badlali kukhona uTapelo Xoli, uKabelo Dlamini noBandile Shandu, okufanele ukuthi abalandeli bePirates sebekhohliwe nokuthi bakhona eqenjini.
Omunye umdlali okungacaci ngaye kwiBucs uTshegofatso Mabasa ophelelwa yinkontileka ngoJuni nonyaka.
UKwayiba kulindeleke ukuthi ayosiza iChippa okungayihambeli neze kahle selokhu kuqale isizini.
Leli qembu elicijwa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi lizithola lizabalaza emsileni kwilogi yeBetway Premiership.
IChilli Boys isanqobe umdlalo owodwa kuphula, yadlala ngokulingana eyisithupha, kwengu-15 esiyidlalile.

